ISIZOPHELA INDLALA YEMIDLALO YOMOYA

Ilanga - - Izindaba - KNOWLEDGE SIEMLANE knowledge.simelane@ilanganews. co.za

ABALALELI bomsakazo uKhozi FM bangalindela umdlalo omusha womoya ozodlalwa emoyeni kungekudala uvale isikhundla sochungechunge lomdlalo obusudonse isikhathi eside obusihloko sithi “Kusa Kusa” obudlala emuva kwehora lesithathu ntambama.

Lezi zindaba ezimtoti zivezwe ngowengamele uphiko lwemidlalo yomoya, uNkz Mpume Ngidi emuva kokubuzwa yileli phephandaba mayelana nesikhalo sabalaleli abathile sendlala yemidlalo yomoya emisha kulesi siteshi.

UNkz Ngidi uthe izinto zimi ngomumo ngalo mdlalo kodwa ngeke asidalule isihloko sawo kuze kufike isikhathi esifanele lapho kuyokwaziswa abalaleli ngokusemthethweni.

“Njengoba umdlalo iKusa Kusa ungasekho nje, (sekuphinda emidala) sipheka omunye omnandi ozodlala esikhathini santambama emuva kwehora lesithathu. Okwamanje sisaphindaphinda emidala ngoba silinde lona ukuba uphele ukuqoshwa,” kubeka uNkz Ngidi.

Umdlalo odlala ngezikhathi zasekuseni ngo-10h40 osihloko sithi “Izinto Zimane Ukwenzeka” kubikwa ukuthi basawuthokozela abalaleli emuva kwezinyanga ezintathu uqalile ukuzwakala emoyeni.

Imidlalo yomoya ike yaba nedumela eminyakeni eminingi eyadlula ngamakhono abekhishwa ngabadlali abafana noLawrencia Mthembu, uMuzi Eric Ngcobo, uGuy Vezi, uShadrack Ngema noLindiwe Ntuli abangasekho bobabili, nabanye.

Abalaleli bake bakhala ngokwehla kwezinga lokulingisa kubadlali abasengamaklume, abazwakalayo ukuthi bakufunda phansi abakushoyo, babala amagama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.