U-TINKLER UZWELA UBUHLUNGU ABE-MARITZBURG UNITED

Ilanga - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

USONGELA iMaritzburg United u-Eric Tinkler ongumqeqeshi weSuperSport United okusabhekwe lukhulu kuyena njengoba esanda kuqhoqhobala isikhundla sokuhola le kilabhu.

ISuperSport izodudulana neTeam of Choice emlenzeni wesibili we-semi-final yeMTN8 ngoMgqibelo ngo-20h15 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Emlenzeni wokuqala la makilabhu ashayane aze abukana kuba ngu-1-1 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville emasontweni ambalwa adlule.

UTinkler uthi iMaritzburg ifike ekugcineni.

“Ngesikhathi sibhekene nayo ekhaya isithwalise kanzima yaze yashaya negoli ekuhambeni. Kodwa-ke yiyona enengcindezi yokuthi ingavumeli sishaye igoli ekuhambeni okuyinto ezokwenza idonse kanzima.

"Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi ngiyayidinga le nkomishi, yiyona engifuna ukubingelela ngayo abalandeli bethu.

“IMaritzburg ifike ekugcineni manje sizokhipha amangwevu okugcina. Ngiyazwelana nabala- ndeli bayo abafuna ukungena okokuqala ngqa kowamanqamu ngoba ngeke kwenzeke lokho ngendlela nathi esiyifuna ngayo le nkomishi,” kusho uTinkler.

UFadlu Davids ocija iMaritzburg, uthi yima kuzoqala isiwombe sesibili.

“Silindele umdlalo onzima kwiSuperSport, okwenzeke emdlalweni wokuqala kufana nento esidlulile, yima sizoqala isiwombe sesibili. Kusisizile ukushaya igoli ekuhambeni kodwa lokho kakusho ukuthi sizopaka ibhasi, sizozama ukuqhubeka lapho sigcine khona.

Ngiyabathembisa abalandeli bethu ukuthi sizokwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi sidlulele kowamanqamu,” kusho uDavids.

Kwenye i- semi-final, iCape Town City izogadulisana neBidvest Wits emlenzeni wesibili ngeSonto ngo-15h00 eBidvest Stadium, eGoli. Emlenzeni wokuqala iCity inqobe ngo-1-0 eCape Town Stadium, eCape Town.

IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

NGUFADLU Davids ongumqeqeshi weMaritzburg United ezobhekana neSuperSport emlenzeni wesibili we- yeMTN8 ngoMgqibelo eHarry Gwala Stadium.

ERIC Tinkler

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.