BAJABULISE ABAMBALWA OLUNDI

Ilanga - - Ziyawa - LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

KUSHODE ngabathandi bobumnandi emcimbini obuseCrystal Lounge ngoLwesihlanu oNdini enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Lo mcimbi ubuhlelelwe ukujabulisa izinkumbi zabantu ebezitheleke kule ndawo ngenhloso yokuhambela uMkhosi Womhlanga obusesigodlweni seSilo eNyokeni, KwaNongoma ngoMgqibelo.

Minyaka yonke iningi labantu livamise ukuba liqashe izindawo zokulala oNdini kwazise lusondelene naKwaNongoma.

Umcimbi wangoLwesihlanu bekuhloswe ukuba ujabulise abantu kodwa kube yidlanzana eliwuhambelile nakuba bekunandisa u DJ Christos oyinkakha kulo mkhakha.

Lo DJ ubeshiyelana inkundla nalabo bendawo abangazange bakugqize qakala ukushoda kwabantu kodwa badedela ingoma.

Idlanzana ebelikhona belijuxuza likhombisa ukujabulela ukushiyelana kwalabo DJ inkundla. NgoMgqibelo kuyona le ndawo kunandise uDJ Vumar ongu- msakazi weGagasi FM.

ISITHOMBE NGU: LUCKY CAIN

U DJ Vumar ogqoke isikibha esibomvu uklwebhe amapuleti eCrystal Lounge.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.