Ilanga

LUYAQHUBEK­A OLOKUFAKEL­WA kukaGESI

-

UMASIPALA wasoPhongo­lo uphezu komkhankas­o wokufakela ugesi yonke imiphakath­i ebisilele emuva ngokufakel­wa kogesi. Sikhuluma nje ibalelwa ku- 208 imizi okuqedelwa ukufakwa ugesi kuyona endaweni yase Sivule, Magombe, Kwalubisi, Thandukukh­anya, eMazana, Sdakeni naseMvelaz­itha ngemali ewuR 4.9 miliyoni wamarandi kwaWadi 7. Leli-wadi bese livele linawo ugesi, kodwa ngokukhula ngesivinin­i kwezakhami­zi ezihlala kulendawo, uMasipala ubone kubaluleki­le ukuba bonke abahlali baleli-wadi bafakelwe ugesi. Kwa-ward- 2 no- 10 eNcotshane, khona manjalo ibalelwa ku- 488 imizi efakelwa ugesi njengoba umphakathi walendawo usanda kunikezwa izindlu zemixhaso ezisanda kwakhiwa. Kwa-Ward 6, kwaMbhucu, eMagiqweni naseNkanji­ni iwu- 305 imizi efakelwa ugesi kumanje, kwazise kulezi-zindawo belungakaz­e luqale uhlelo lokufakelw­a kukagesi.

 ??  ?? Mayor u Winnie Nhlabathi emi nosokontil­eka kuward 7
Mayor u Winnie Nhlabathi emi nosokontil­eka kuward 7

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa