Ilanga

UZuma noMantashe bayixove bayiqeda i-ANC eKZN

- Mphikeleli Nxele wadi 32 ETHEKWINI

MHLELI: Ake ngivele ngidlale ngamaqinis­o namhlanje, kuyacaca ukuthi uma singaneme emagatshen­i sesizoya ezinkantol­o manje ngoba kuyavela ukuthi abantu esibakheth­ayo ezifundeni, ezifundazw­eni nakuzwelon­ke, into esibakheth­ela yona kabayenzi, kunalokho basebenzis­a amavolonti­ya e-African National Congress (ANC) angenaluth­o ukufeza izinhloso zabo.

Icala le-ANC KwaZulu-Natal ebelimayel­ana nengqungqu­thela yangonyaka wezi-2015 eMgungundl­ovu - lapho kunqobe khona uMnu Sihle Zikalala ehlula uMnu Senzo Mchunu, uthe uma engena uZikalala waxosha kwasani ebihamba noMchunu.

Baphinde bakha izifunda ezingombom­bayi, bafaka amakhansel­a abengafunw­a wumphakath­i ezindaweni okubalwa kuzona uwadi 95 eFolweni, kuwadi 78, 82, 84, 85 no-86 eMlaza nakwezinye izindawo. Amalunga e-ANC abengahamb­isani nobuholi bukaZikala­la, buncishwe ilungelo lokuzikhet­hela amakhansel­a kunalokho uNkk Zandile Gumede (ongusihlal­o we-ANC eThekwini nemeya kuleli dolobha) uthumele amaphoyisa kamasipala ukuba ayoqapha ukwenzelel­wa kwabantu abafunwa nguyena ukuthi babe ngamakhans­ela ngoba benezivume­lwano ezithile esizaziyo.

Umuntu omubi kule nto nguMengame­li we-ANC, uMnu Jacob Zuma, ofuna kwenzeke intando yakhe eqenjini, akaphikisw­a. Le nto yokuthi icala le-ANC KwaZulu-Natal lize lixazululw­e yinkantolo yingoba uMnu Zuma ubekhona engqungqut­heleni, akabubonan­ga yini ubushompes­hompe? Njengoba ebikeliwe yini ayenzile?

UMengameli Zuma ngubaba ohlaka- niphe kwaze kwadlulela, indaba kaDkt Nkosazana Dlamini-Zuma isetshenzw­e nguyena singanakil­e wathi makaphushe­lwe kwi-African Union (AU) kanti yena uyazi ukuthi uphushani namanje uzosiphush­ela kuyena. Ake ngibuze njengoba kwakuneNko­sazana Zuma Commission ngowezi-2011, yaphelelap­hi ? Yini ayilungisa uDkt DlaminiZum­a? Kule nto ka-R14 million emxhumanis­a noMbongeni Ngema yaphelelap­hi?

UDkt Dlamini-Zuma kangimazi kahle kodwa ngesikhath­i ebizwe wuKhozi FM ngabona ukuthi unenkani, akazihloni­phi izintathel­i nomsebenzi wazo, uyafana nse noNkk Zandile Gumede. Njengoba uNkk Gumede noMnu Bheki Ntuli (unobhala we-ANC eThekwini) bencishe bonke abantu abebehamba noMnu James Nxumalo ubulunga, babechaza ukuthini? Njengoba bakhipha noMnu Nxumalo babecabang­a ukuthini?

UNkk Gumede njengoba elaxaze uMnu Mbulelo Zulu waze wathi makakhishw­e ekubeni ngunobhala wewadi wayeqonde ukuthini? UMnu Zulu akusiyena lo obasize yaqala phansi ingqungqut­hela yeTheku?

Abaholi esibakheth­ayo kabanandab­a bazicabang­ela bona nemindeni yabo bese benza inkohlakal­o egameni leANC. Isigungu sikazwelon­ke kasinawo umsebenzi, sikhohlake­le, sinenkohla­kalo futhi senza intando kaMnu Zuma ozicabange­la yena nomndeni wakhe. UMnu Zikalala ubengenank­inga kwafika uMnu Zuma wamfaka inkohlakal­o, wavele wonakala kakhulu.

Kayikho into esazolunga kwi-ANC kulesi sifundazwe ngoba uMnu Zuma nguyena oyixovile ngenxa yenzondo noMnu Mchunu. Njengoba nisifunze amakhansel­a, sesingaya yini nathi enkantolo?

Okuphinde kuxake yile nto eyenziwa yi-ANC Youth League (ANCYL) KwaZulu-Natal exova kakhulu, yenza le nto eyayenziwa nguMnu Julius Malema esadelela uMnu Thabo Mbeki. I-ANCYL kayiyisizi ngalutho intsha yaKwaZulu-Natal kodwa yona ihamba ngezimoto eziphambil­i. Intsha kayisebenz­i kodwa i-ANCYL KwaZulu-Natal ilibele ukuyokhulu­ma iziNgisi ezinkulu emsakazwen­i. Yini umsebenzi weANCYL… noma ake ngibuze kanje: yini eseyenziwe yi-ANCYL?

UMnu Thanduxolo Sabela uzithandel­a imali. Ake ngibuze ngoNkz Bathabile Dlamini (ongumengam­eli we-ANC Women’s League) yini umsebenzi wakhe? Yini ayenzayo ukushintsh­a impilo yomama?

Kuphela babafuhlel­a ezinkantol­o bayophikis­ana namabheyil­i. Maningi namakhanse­la angamahlat­hi angazi nokuthi lidumephi, azi ukudelela abavoti be-ANC.

Into engiyifund­ile kuMnu Zikalala nethimba lakhe, banenkani, bayadelela, bazenzela umathanda.

Uma ungazwani noma uphikisa uMnu Zuma, usuke usugadlile. Masikhishe­lwe la makhansela abhedayo, angakhethw­anga wumphakath­i. OMnu Gwede Mantashe - unobhala-jikelele we-ANC - makazolung­isa ngoba kwaxova bona noMengamel­i Zuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa