Ilanga

Kuyingozi ukuziseben­zisa budedengu izinsuku zekhefu lokugula

- LUCKY CAIN lucky.cain@ ilanganews. co.za

IMPILO yakho ibalulekil­e yingakho nezinkampa­ni ziba nekhefu elisemthet­hweni lokuphumul­a kanti uma kwenzeka uxinwa wukugula likhona futhi nelibhekel­ela kona.

Kuyaye kube kubi uma uzwa ngezigamek­o ezenziwa ngabantu abasebenza­yo behlangene nabanye odokotela besebenzis­a budedengu izinsuku zekhefu lokugula kwabo.

Ngokocwani­ngo lwakamuva olwenziwe ngabe-Occupation­al Care South Africa luveza ukuthi umnotho wezwe ulahlekelw­a cishe u-R6 billion ngeziseben­zi ezisebenzi­sa budedengu izinsuku zekhefu lokugula ( sick leave).

Lolu cwaningo ludalula ukuthi zibalelwa ku-15% izisebenzi eziphutha emsebenzin­i nsuku zonke. Luphinde luveze nokuthi kwabathath­u kwabasuke bephuthe emsebenzin­i uyedwa kuphela ogula ngempela.

UCathie Webb weSouth African Payroll Associatio­n phambili utshele iTimeslive ukuthi kunezisebe­nzi ezibona izinsuku zekhefu lokugula njengethub­a lokuziphum­ulela emakhaya noma bengaguli.

Ucwaningo luveza ukuthi nakuba isimo sengcindez­i senyukile ezindaweni zokusebenz­a kodwa izisebenzi kume lezi kuqonde ukuthi ziqashiwe futhi kufanele zisebenze ngokwe sivumelwan­o sokuqashwa kwazo.

Izisebenzi mazikuqond­e ukuthi ukusebenzi­sa budedengu izinsuku zekhefu lokugula ngeke kugcine ngokuthika­meza ukusebenza kwenkampan­i kodwa nazo zingazitho­la zisesimeni esinzima.

Uma kwenzeka sezigula ngempela zingasenaz­o izinsuku kungakapak­ela kulezo zekhefu lokuphumul­a elisemthet­hweni kanti uma zingasekho kungaze kufinyelel­e kulelo elingakhok­helwa.

Lokhu kungaba nomthelela omubi esimeni sakho njengesise­benzi sezimali. Uma izisebenzi zisebenzis­a budedengu izinsuku zekhefu lokugula kungaba kubi kakhulu enkampanin­i njengoba lokhu kungehlisa ezinye umfutho wokuqhubek­a nokusebenz­a kanti kungalimaz­a nenzuzo yayo ngokuhamba kwesikhath­i.

Kubaluleki­le ukuba izinkampan­i nezisebenz­i ziyiqonde imigudu efanele yokuthathw­a kwekhefu lokugula. Kumele izisebenzi zazi ukuthi kumele zibike kubani uma zingazizwa kahle empilweni futhi ukuqhubeka nokusebenz­a zingaphili­le kungaba namuphi umthe

lela. Akuvumelek­ile kunoma iyiphi inkampani ukuphutha emsebenzin­i ngaphandle kokubika ngisho noma ngabe uxineke kanjani. Yingakho kumele kube nesihlobo noma osondelene nawe onezinombo­lo zasemseben­zini noma zomphathi wakho ukuze uma kwenzeka ubambeka ngokweqile kube nguyena okubikayo.

Ezinye izinkampan­i zinomgomo wokuthi uma zingaqondi kahle ngokugula kwakho zikuyise kudokotela wazo ozoqinisek­isa ukuthi ugula ngempela.

Akubalulek­ile ukuba izisebenzi zize zidalule ukugula kwazo kubaphathi kodwa banelungel­o lokwazi ngesimo sempilo yakho ukuze uma kudingakal­a kwenziwe eminye imizamo yokuba usizakale.

Zikhona futhi izinkampan­i ezingenele­layo zikusize ngosizo lezokwelap­ha oluyisipes­heli uma ukugula kwakho kufinyelel­a kuleso sigaba.

Kubaluleki­le ukuba izinkampan­i zibeke eqhulwini isimo sokuba wumqemane kweziseben­zi ukuze zingazitho­li zilahlekel­wa yizizumbul­u ngokugula kweziseben­zi.

Kunoma yimuphi umsebenzi kusemqoka ukuba izisebenzi zihlale zivikeleki­le kunoma yikuphi okungaba yingozi kuzona okubalwa na-makhemikha­li nokunye okungakhub­aza impilo yazo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: HUFFPOST.COM ?? ZISEBENZIS­E uma kunesiding­o izinsuku zokugula emsebenzin­i.
ISITHOMBE NGABE: HUFFPOST.COM ZISEBENZIS­E uma kunesiding­o izinsuku zokugula emsebenzin­i.
 ??  ?? NAMHLANJE sithi TBT kuThandisw­a Mazwai ongumculi odumile eNingizimu Afrika, nodadewabo uNtsiki oyimbongi. Kumnandi ukubona izithombe zalolu hlobo eziveza osaziwayo besakhula, kubonakale ukuthi abavelange nje benyukela esigabeni sempilo esiphezulu kodwa...
NAMHLANJE sithi TBT kuThandisw­a Mazwai ongumculi odumile eNingizimu Afrika, nodadewabo uNtsiki oyimbongi. Kumnandi ukubona izithombe zalolu hlobo eziveza osaziwayo besakhula, kubonakale ukuthi abavelange nje benyukela esigabeni sempilo esiphezulu kodwa...
 ?? ISITHOMBE YI: INSTAGRAM ??
ISITHOMBE YI: INSTAGRAM
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa