Ilanga

I-KINGS ILINYALELW­E NGABADLALI ABAMQOKA

- MFANAFUTHI NDLOVU

UBALISA ngabadlali bakhe ababili abangekho uBongani Ngidi ongumnikaz­i weReal Kings United ezobhekana noBuntu Cape Town koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ngo-15h00 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

Abadlali beKings abazokube bengekho kulo mdlalo nguSibonel­o Ntshangase oyisitobha esala ukhasha noMlungisi Mazibuko ongunozint­i olimale ngesikhath­i le kilabhu ihlula iMbombela United ngo-1-0 ngeledlule ekuhambeni.

UNgidi uthi nakuba begqemeke ingozi ngokungabi bikho kwalaba badlali kodwa bazimisele ngokulwela ukugcina abalandeli babo bejabule ngokwenza le nkundla kube yikwesikaM­aminzela kuyona, kungabi bikho iphuzu eliphuma nezitha.

“Ngiyazi ukuthi kusesekuse­ni kodwa sizimisele ngokulwela ukuba sesicongwe­ni njengoba sifuna ukunyukela esigabeni esikhulu ngesizini ezayo. Nginxusa abalandeli ukufika ngobuningi bezokhutha­za abadlali. Kuningi esikuhleli­le ukubagcina bethokozil­e,” kusho uNgidi ojatshulis­wa yizindaba zokukhombi­sa ukulula-

U-TINKLER NEMFIHLO YOKUGCINA U-BROCKIE

UDALULA imfihlo ngomgadli wakhe osefomini obefuna ukuhamba u-Eric Tinkler ongumqeqes­hi weSuperSpo­rt United ezobhekana neZesco United yaseZambia emlenzeni wokuqala we-quarter final yeCaf Confederat­ion Cup kusasa ngoLwesihl­anu ngo-19h00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille.

ISuperSpor­t iya kulo mdlalo nje, isefomini njengoba ishaya kwasani ephambi kwayo. Iguqise ngo-2-0 ovuthayo iPlatinum Stars kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li ebusuku eLucas Moripe Stadium. UJeremy Brockie oshaye elinye lamagoli eSuperSpor­t kulo mdlalo, uke waba sematheni efaka isicelo sokuhamba. Kubikwa ukuthi ubethenjis­wa itshe lemali yiMamelodi Sundowns. ISuperSpor­t inqabile ukumdedela.

UTinkler udalula imfihlo abeyigodli­le ngoBrockie.

“Indlela uBrockie adlala ngayo iyangimang­alisa kwamina. Useshaye amagoli amathathu emidlalwen­i emibili. Bengingayi­lindele le nto ngoba ubesho amashushu ukuhamba, ubengezwa mshini. Kodwa-ke engifuna uku- ma kukaLindok­uhle “Maleveni” Mtshali abamboleke kwi-Orlando Pirates.

USoumahili Allie oyindodana kaGoolam wodumo lokuphatha iSantos, angase asayiniswe yiHighland­s egencwe yizembe ngesizini edlule esigabeni esikhulu. Lo mdlali ubegijima kwiSantos ngesizini edlule ingakashov­eleki kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) Western Cape ABC Motsepe League. Isiyonke imidlalo yeNFD: NGOMGQIBEL­O EMthatha Stadium: Mthatha Bucks vs Witbank Spurs 15h00.

ESugar Ray Xulu Stadium: Real Kings vs Ubuntu Cape Town 15h00.

EMakhulong Stadium: Highlands Park vs Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila 15h00.

E-ABSA Tuks Stadium: Pretoria University FC vs Royal Eagles 15h00.

EParow Park: Stellenbos­ch vs Black Leopards 15h00.

EGoble Park: Super Eagles vs Uthongathi FC 15h00. NGESONTO E-Athlone Stadium: Cape Town All Stars vs Mbombela 15h00.

EVosloorus Stadium: Jomo Cosmos vs Richards Bay 15h00. kuveza wukuthi yimina obe nesandla ekutheni angahambi.

“Abaphathi bekilabhu bese benqumile ukuthi bayamdayis­a ngoba bebebona ukuthi ufuna ukuhamba kodwa ngabachith­a. Ngiyilwile le mpi kwagcina mina. Bengingeke ngikwazi ukudedela lo mdlali ngibe ngazi ukuthi kuza imidlalo enzima kangakanan­i. Uwuhlobo lo mgadli oluhlukile, besingeke sikwazi ukuvala isikhala sakhe, besizodons­a kanzima.

“Kunenkinga enkulu yabagadli kuleli ngakho-ke lokhu onakho kufanele ukubambisi­se. Ngiyajabul­a ngoba ukhombisa ukuzinikel­a. Mhlawumbe ngesizini ezayo sesingabon­a ukuthi simisa kanjani okwamanje bengingeke phela kufanele ngiwucaban­gele umsebenzi wami. Uxoshwa kalula kabi ekilabhini, izikhulu kazibi nandaba ukuthi kuhambe bani zifuna imiphumela emihle,” kusho uTinkler.

Uthi umdlalo weZesco ngeke ube lula neze ngoba iyikilabhu ehlaselayo.

“Engikuqaph­elile ngayo wukuthi inabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu, abayinking­a uma ihlasela. Sinosuku ukuyifundi­sisa kodwa kayiyona incwadi evalekile, kuningi esikwaziyo ngayo," usho kanje.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMGADLI weMaritzbu­rg United ongalibhek­i ipali u-Evans Rusike.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMGADLI weMaritzbu­rg United ongalibhek­i ipali u-Evans Rusike.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa