ABANGAZIWA BADUBULE BABULALA INDODAKAZI NONINA

Ilanga - - Izindaba - INTATHELI YELANGA

KUDUTSHULWE kwabulawa owesifazane osekhulile nendodakazi yakhe eMchonco, eNgqeleni, i-Eastern Cape, ngoLwesihlanu ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa eNgqeleni, uCapt Dineo Koena, uthe owesifazane oneminyaka engama-61 ubudala, ubesegunjini lakhe lokulala ngesikhathi edutshulwa ngabantu abangaziwa. Indodakazi yakhe eneminyaka engama-28 ubudala, ibibukela umabonakude nomfowabo eyiwele naye ngesikhathi izwa kuqhuma isibhamu, yaphuthuma ukuyobheka ukuthi kwenzekani.

“Kuthe ingena ekamelweni likanina, abesilisa bavulela ngenhlamvu, yashona,” kusho uCapt Koena. Abasolwa kuthiwa bakhahlele isicabha, bayalela indodana yalona wesifazane ukuba icashe ngaphambi kokuba bangene ekamelweni likanina.

UCapt Koena uthi kuvulwe amacala amabili okubulala esiteshini samaphoyisa eNgqeleni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.