IMIBONO EHLUKENE YABFUNDI

Ilanga - - Bono -

MHLELI: Nginombono wokuthi yize iNingizimu Afrika kuyizwe lethu esilithandayo nesiziqhenyayo ngalo kodwa iKwaZulu-Natal iphume izimele besesigcoba iSilo sibe ngumengameli (weKwaZulu-Natal).

Ngicabanga futhi ngikholwa wukuthi lezi zinkinga ezikhona - okubalwa kuzona ukubulalana kosopolitiki - zinganqandeka kalula. Ngicela ukuba maZulu amahle niwucabange lo mbono wami. Sihle Bhengu, eZOLA 1, ESOWETO

MHLELI: Ngiphikisa laba abathi kuphelile ngeNational Freedom Party (NFP). Leli qembu kade lihlangene oKhahlamba kukhona abaholi balo okubalwa kubona usihlalo walo KwaZulu-Natal, uMnu Vikizitha Mlotshwa namakhansela alo. SiyiNFP masihlanganeni, singezwa ngabantu, ukhona umama wethu uZanele Magwaza. Masingadinwa ngabakhuluma kakhulu. BS Hadebe, uSomlomo kuwadi 1, eWinterton MHLELI: Thixo osekucasheni, kuyadlalwa ngemali eNingizimu Afrika! IBafana Bafana izolulekwa ngudokotela wengqondo ngoba kwenzenjani vele? Kunini yayidliwa, seyizophithana amakhanda manje? Ukudliwa yinto yayo, kuzidlalelwa ngemali nje lapha kulo mhlola oyiBafana Bafana yenu. MATHOUSAND MALENINGI

MHLELI: Ngiveza umbono wami ngesililo esikhona lapho abantu abadala bevame ukuthi intsha yanamhlanje kayiziphethe kahle.

Lokho ngukubuke ngelinye iso ngoba yonke into inesisusa sayo. Uma kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili kusho ukuthi ophambi kwakho nguyena oyisibonelo noma wenza okungekuhle ingane ikuthatha kanjalo.

Empeleni nansi inkinga yami, uma ugibela ibhasi seligcwele, kungene umuntu omdala ame kuze kusukume omunye omdala amqhelele - mhlawumbe ngoba emdala kunaye - kodwa umama noma ubaba ohamba nezingane zihleli ezitulweni bangazitsheli ukuba zisukumele umuntu omdala, zizokhula nasiphi isithombe? Omunye uye uthi ucela ingane ikusukumele, kube uyinyathele emsileni. Uyifundisani le ngane ngalokho?

Ngibona kungabazali nje abadida izingane ngoba ngisho zilwa zodwa, zidlala, ubona omunye umzali esephethe induku eyohlasela kwamakhelwane ethi ingane yakhona ishaye eyakhe. Iyabuka njalo ingane, iyothi uma seyenza lokhu ekubukayo bese abazali bekhalisa okwe-ambulense sebethi intsha yanamuhla inje kodwa isuka ezandleni zabo.

Ake sifundise izingane zethu ukuba qotho ukuze zizimele ngelinye ilanga, singalokhu siziba ngemithetho eshaywa wuhulumeni. Abanye kabafuni nokuzwa ukuthi izingane zabo ziyagqekeza kodwa ebe ekwazi ukuthi ziyakwenza lokho futhi naye ingamhlalisile kahle ngokweba imali khona ekhaya. M.S Zulu OSIZWENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.