Inselelo kwawePSL aseKZN ngabafundi

Ilanga - - Ezemidlalo - PHILANI NCALANE

KUNXUSWA amakilabhu amakhulu aKwaZulu-Natal ukungahambeli kude nemidlalo yebhola lezikole ehlelwa yiSouth African Schools Football Association (Sasfa).

UZibuse Ncube ongusihlalo weSasfa esifundazweni uthi mancane amathuba okuthi abadlali abane beJL Dube High School abakhonjwa kumaJimbos (SA U/17) bajoyine amakilabhu esifundazwe. I-JL Dube ihlulwe yiClapham yaseTshwane ngo-2-1 kowamanqamu weCopa Coca Cola U/15 Cup ngoMgqibelo emini eBloemfontein.

UNcube uthi makhulu amathuba okuthi abadlali beJL Dube bajoyine amakilabhu angaphandle ngoba amakilabhu esifundazwe kawayihambeli imidlalo yezikole.

“Bekumele iJL Dube iye kulo mqhudelwano sekukhona abadlali bayo abasayine namakilabhu amakhulu ngoba bebegila izimanga kweyokuhlunga eCato Manor (eThekwini). Manje sesizobabona bevumbuka emakilabhini angaphandle kwesifundazwe. Abanye bazothathwa yiyona le Clapham esizwa yiMamelodi Sundowns.

“Kunomfana wakwaShezi waseNanda obedlala kwiDanone. Amakilabhu esifundazwe amyekile wathathwa yiSuperSport United. UNotha Ngcobo uhambe ekhona amakilabhu ethu wajoyina iClapham. Kumanje usegijima esikwatini seDowns esidlala kwiMultiChoice Diski Challenge (MDC). Baningi nje abadlali bakulesi sifundazwe asebegijima emakilabhini angaphandle,” kusho uNcube.

I-JL Dube iqanjwe ngoJohn Langalibalele Dube osungule leli phephandaba ( ILANGA) ngowe1903 futhi obe nguMengameli wokuqala we-African National Congress (ANC) ngowe-1912. Ngonyaka odlule imidlalo yeCoke inqotshwe yiJG Zuma eqanjwe ngoJacob Gedleyihlekisa Zuma onguMengameli we-ANC neNingizimu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.