OWAMABHOKOBHOKO UHLANZE IQINISO NGE-ALL BLACKS

Ilanga - - Ezemidlalo - INTATHELI YELANGA

UKHULUMA iqiniso ngobungozi be-All Blacks yaseNew Zealand u-Allister Coetzee ongumqeqeshi wamaBhokobhoko ngaphambi komdlalo wokugcina wala maqembu weCastle Rugby Championship ozokuba ngoMgqibelo eNewlands Stadium, eCape Town.

AmaBhokobhoko abambane kwathula umoya neWallabies yaseAustralia kuba ngu-27-27 ngoMgqibelo eFree State okwenze isicoco seChampionship sanqotshwa yiAll Blacks ingakangeni ngisho enkundleni emdlalweni ehlule kuwona i-Argentina ngo-36-10 e-Estadio Velez Sarsfield, eBuenos Aires, e-Argentina.

I-Argentina kayikaze inqobe selokhu kuqale iRugby Championship okwenza ibambe ibhuleki kwi-log enamaqembu amane aholwa yi-All Black kuthi AmaBhokobhoko abambe isibili.

UCoetzee uthi kungaba wubuphukuphuku obuphindiwe ukuzikhohlisa ngokuthi AmaBhokobhoko azokwazi ukubuyisa izinduku zishisa kwi-All Blacks ebathele ngehlazo lika-57-0 ngenyanga edlule eNew Zealand.

UCoetzee uthe: “Sizobhekana ne-All Blacks edlala kahle kakhulu, ngakho ukuzikhohlisa ngokuthi sizozenzela kuyona ngoba nakhu sisekhaya kungaba wubuphukuphuku obuphindiwe. Sisazikhotha amanxeba emuva komphumela esiwuthole emdlalweni sibhekene nayo. Nokho sizozilungiselela ngokwanele ukuze isifice siyilindele eCape Town.”

Uthi babheke ukusonga le midlalo ngegiya eliphezulu emuva kokuba u-Elton Jantjies ehlulwe wukuqobela phakathi iphenathi ngomzuzu wokugcina bebhekene neWallabies obekuzobuyisa ukuzethemba nakakhulu kuleli qembu lakhe.

“Nxa udlala ngokulingana usekhaya kuvele kufane nokuthi uhluliwe. Nokho ngiyaziqhenya ngeqembu lami nangendlela esidlale ngayo,” kusho uCoetzee.

Imiphumela yeCurrie Cup imi kanjena:- Blue Bulls 45,Western Province 46; Griquas 59, Free State Cheetahs 24; Sharks 24, Golden Lions 10.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.