UDe Sa uzibona ebhabhadiswa

Osule kwiPlatinum uthishwa esikhundleni

Ilanga - - Ezemidlalo - MFANAFUTHI NDLOVU

UZIBONA ebhabhadiswa ngomlilo uRoger De Sa ongumqeqeshi wePlatinum Stars eshayelwe ekhaya yiMamelodi Sundowns kuba ngu-1-0 wegoli likaKhama Billiat elingene ngomzuzu wokuqala koweAbsa Premiership izolo ngeSonto ntambama eRoyal Bafokeng Sports Palace, eRustenburg, eNorth West.

IPlatinum igijime lo mdlalo kusanda kusula isigubhukane uSenzo Mazingiza obeyisikhulu sayo esiphezulu othishwa ukuvumbuka kwiPremier Soccer League (PSL). Kuthiwa angase athathe isikhundla esifanayo okumanje sibanjwe okwesikhashana nguMato Madlala ongumnikazi weLamontville Golden Arrows. UMazingiza phambilini ubesebenza kwi-Orlando Pirates eyimenenja-jikelele.

Ukubuyela emdlalweni, uDe Sa uthe ubulawe wukungenelwa yigoli umdlalo usephansi.

Uthi leli goli livele labaqeda amandla abafana bakhe. Uthi kunzima kakhulu ukujaha umdlalo kusuka emzuzwini wokuqala.

“Okube kubi nakakhulu nje wukuthi ngibuye ngalinyalelwa nangabadlali bami abamqoka kulo mdlalo. Lokhu kudale ukuthi ngigcine sengifaka uLehlohonolo Masalesa engimdinga kakhulu emdlalweni onzima ozayo esizowugijima nePirates. Le midlalo yomibili (oweDowns neBucs) ingenzima kakhulu kithina njengoba ilandelana nje, siyakudinga ukuthola okuthile kuyona yize kufana nokuthi sisemphandlwini wezingonyama,” kusho uDe Sa.

UPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi weSundowns, ubonge abalandeli bale kilabhu ngokuqhubeka nokuyeseka yize isanda kuphuma kabuhlungu kwiCaf Champions League. Uncome kakhulu uMotjeka Madisha ngebhola elihle aligijime kulo mdlalo.

“UMadisha uyaqhubeka nokungichaza emidlalweni. Uyakhula umdlalo nomdlalo. Ngizogxila ekubuyiseni ekubeni qatha kubadlali abalimele njengoba sithole leli khefu leFifa (Federation of International Football Association),” kusho uMosimane.

Abadlali akhuluma ngabo uMosimane ngu-Anthony Laffor ongumgadli olimele onyaweni, uZakri Yannick iqakala, u-Oupa Manyisa odonseke umsipha, uGeorge Lebese onamathansela, uRivaldo Coetzee onenkinga onyaweni noSoumaholo Bangalay odonseke umsipha.

Kulo mdlalo iDowns isebenzise uCuthbert Malajila osekunesikhathi eside agcina ukubonakala. Ungene endaweni kaSbusiso Vilakazi ngomzuzu wama-60.

URoggert Nyundu ongumgadli weBloemfon- tein Celtic uqobele enethini igoli ngomzuzu wama-76 elenze le kilabhu yahlula iBidvest Wits ngo-1-0 izolo eFree State.

Isiyonke imiphumela yemidlalo ye-Absa Premiership imi kanjena:- Platinum Stars 0, Mamelodi Sundowns 1; Bloemfontein Celtic 1, Bidvest Wits 0; Polokwane City 2, Orlando Pirates 2; Kaizer Chiefs 1, Baroka FC 2; Golden Arrows 1, Chippa United 1; Ajax Cape Town 0, Cape Town City 2; Maritzburg United 0, Free State Stars 1.

Eye-English Premiership: Newcastle 1, Liverpool 1; Everton 0, Burnley 1; Arsenal 2, Brighton & Hove Albion 0; Chelsea 0, Man City 1; Stoke City 2, Southampton 1; West Ham 1, Swansea 0; West Brom 2, Watford 2; Man United 4, Crystal Palace 0; AFC Bournemouth 0, Leicester 0; Huddersfield Town 0, Tottenham 4.

Roger De Sa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.