UHERIC ANGASE AKHUZE IBUYA KWI-NFD

Ilanga - - Ezemidlalo - MFANAFUTHI NDLOVU

ANGASE avumbuke kwiCape Town All Stars uVladislav Heric ozakhele udumo ebholeni lakuleli enqoba isigaba seNational First Division (NFD) namakilabhu ahlukene eminyakeni edlule.

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uHeric uphezu kwezingxoxo esezikuvuthondaba nale kilabhu ephethwe nguLunga Ncwana obalwa nezinjinga zaseCape Town.

Umthombo uthe: “Ngicabanga ukuthi sekusele izinto ezincane ekutheni uHeric aqede konke ne-All Stars. Ngiyazi ukuthi uHeric ujabule ngendlela engachazeki ngoba ubevele ewufuna umsebenzi wokucija ikilabhu yaseWestern Cape. Phela unkabi lo uyayithanda le ndawo.

“Umndeni wakhe sewuzinze khona.

"Ubefana nesichuse kwi-Ajax Cape Town lapho ebecija kwiMultiChoice Diski Challenge.

"Ucasuke kabi kulandwa uBoebie Solomons ukuzokuba ngumsizi kaStanley Menzo oyinhloko yabaqeqeshi be-Urban Warriors ekubeni ekhona.

“Yingakho ebone kungcono ukuba athathe amasakana akhe ahambe kwi-Ajax. Sekunesikhathi uHeric exoxa ne-All Stars ngendaba yomsebenzi. Ubekhona enkundleni ngesikhathi icazelana amaphuzu neBlack Leopards ngoLwesihlanu kuba ngu-0-0,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola uHeric izolo ngeSonto ekuseni iphunzile kwazise ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba lo mbiko.

UFaeez Dulvie oyiMenenjajikelele ye-All Stars, uvumile ukuthi zikhona izingxoxo abanazo noHeric.

Nokho ukugcizelele ukuthi kazikaphothulwa.

UDulvie ukuqinisekisile ukuthi uDavid Kannemeyer oben- gumqeqeshi akaseyona ingxenye yekilabhu kwazise imiphumela ibimphika.

Ugcine esayinile kwiTshakuma Tsha Madzivhandila uDavid “DVD” Mathebula obegijima izolo ngeSonto ibhekene neWitbank Spurs koweNFD ophele kungu-2-2 eThohoyandou Stadium.

Isiyonke imiphumela yeNFD ihambe kanje: Tshakuma FC 2, Spurs 2; Cosmos 1, uThongathi FC 1; Cape Town All Stars 0, Leopards 0; Highlands 1, Ubuntu Cape Town 0; Tuks 4, Mbombela 1; Super Eagles 1, Real Kings 0; Mthatha Bucks 0, Stellenbosch 1; Richards Bay 2, Royal Eagles 3.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.