I-ARROWS IKHALA NGOBUSELA KWI-CHIPPA

Ilanga - - Ezemidlalo - MFANAFUTHI NDLOVU

UKHALE ngobusela umqeqeshi weLamontville Golden Arrows ezakhe zicazelana amaphuzu neChippa United kuba ngu-1-1 kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

IChilli Boys yiyona evule inkundla uKatlego “Mahoota” Mashego ebhakuzisa inethi kwathi uKnox Mutizwa walamulela ezikaClinton Larsen (osesithombeni) ocija Abafana Bes’thende.

ULarsen uthi nakuba ezakhe zilishaye kamuva igoli kulo mdlalo kodwa bekumele ziwunqobe kalula. Uthi bekungayifanele iChippa ukugoduka nephuzu kulo mdlalo.

“Empeleni ngingasho ngingahlonizi ukuthi iChippa ilintshontshile iphuzu kulo mdlalo.

Bekumele igoduke ingaphethe lutho.

Isiwombe sokuqala besisithwele kusuka siqala saze sayophela, izitha kazizange zisinike ngisho obuncane ubunzima. Siziyekele ukuwunqoba lo mdlalo.

“Abadlali bami bakhombisile ukuthi bavuthiwe manje futhi sebenesibindi.

"Kakumangalisanga uma unozinti weChippa (uDaniel Akpeyi) eqokwa njengomdlali wosuku. Phela bebemungenela kuvalwe amehlo abafana bami. Kuyangijabulisa ukuthi namanje kasikehlulwa selokhu kuqale imidlalo yeligi,” kusho uLarsen othi ikhefu lamasonto amabili abazokuba nalo lizomnika ithuba elihle lokuthi balulame ngokugcwele uJabu Shongwe, uMatome Mathiane noLehlohonolo Nonyane.

Emdlalweni olandelayo i-Arrows izobhekana neBaroka FC eziholayo futhi nayo engakehlulwa selokhu kuqale isizini.

ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES

UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic okhala ngokusebenzela emuva kule kilabhu njengoba ezakhe zibambane nePolokwane City ngo-2-2 ngoMgqibelo ebusuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.