Umdlalo omusha

Ilanga - - Izindaba - LUCKY CAIN

UYAQHUBEKA nokudlondlobala ekukhiqizeni imidlalo kamabonakude umndeni wakwaFerguson osuzakhele udumo ngemidlalo okubalwa kuyo iRockville, Igazi neThe Queen ethokozelwa ngabaningi kulezi zinsuku.

Lo mndeni wezihlabani uConnie noShona Ferguson zinomdlalo omusha eziwukhiqize ngaphansi kwenkampani yazo iFergusons Films obizwa ngeThe Imposter. Lo mdlalo ozoqala ukukhonjiswa ngeSonto mhla ka-8 kwephezulu ngehora lesi-8 kuMzansi Magic, DStv Channel 161 kulindeleke ukuthi kulindeleke uhehe inqwaba yababukeli njengoba ubophele abalingisi abanohlonze.

Phakathi kwabalingisi ababoshelwe kulo mdlalo kubalwa kubo uThishiwe Ziqubu, Omuhle Gela, Zenzo Nqobe, Mary Twala, Mpumi Mpama, Khulu Skenjana, Owen Sejake nabanye.

Ngokusho kukaReneilwe Sema onguMqondisi we-Local Entertainment Channels kwaMnet bajabule kakhulu ngendlela abantu abakhombisa ngayo ukuyithakasela imidlalo ekhiqizwa kuleli.

“Ubudlelwano bethu neFerguson Films bukhiqiza izithelo ezinhle njengoba ngemidlalo yabo sikwazi ukudonsa inqwaba yababukeli. Siyathemba ukuthi lo mdlalo uzolandela ezinyathelweni zale eminye asebeke bayikhiqiza njengoba ukhuluma ngezinto okubalwa uthando, inzondo, izimfihlo nokunye okuzojabulisa ababukeli,” esho.

Kulindeleke ukuthi lo mdlalo ukhonjiswe iziqephu ezingu-13 njengoba uzodlala njalo ngeSonto.

ISITHOMBE: SITHU NYELWE

ABALINGISI bomdlalo wodumo omusha ozoqala ukukhonjiswa ngeSonto osihloko sithi The Imposter.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.