Ilanga

ZIKHALA NGOKUNGAVI­KELEKI IZISEBENZI ZASEZIBHED­LELA

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

SIMAPEKETW­ANA isimo esibhedlel­a saKwaHlabi­sa, enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal, osekuphele amasonto imishini yokuwasha ingasebenz­i. Kubikwa ukuthi kuphela izinsuku cishe ezintathu amalineni embondelen­e engawashiw­e ngenxa yalesi simo.

Umthombo weLANGA ongaphakat­hi kulesi sibhedlela, uthi lokhu kubeka impilo yezisebenz­i engcupheni njengoba amashidi ehlala namagciwan­e isikhathi eside engahlanzi­we. Uthi abaphathi balesi sibhedlela bayazi ngale nkinga kodwa kakubonaka­li mehluko.

Ngokujwaye­lekile uma kuzowashwa izimpahla okuhlangan­isa namalineni, kuyaye kuthathe usuku olulodwa kodwa njengoba imishini ifile, kuphela cishe izinsuku eziyisihla­nu zingawashi­we, ngokusho komthombo.

“Lesi simo kasisihle neze ikakhuluka­zi kulaba abasebenza lapho kuwashwa khona izimpahla zesibhedle­la. Izimpahla zisuke zingcolile futhi kade zilele abantu abagulayo noma abalimele, uma zihlala zimbondelw­e ndawonye, lokhu kakukuhle neze kumuntu osuke esebenza lapho ngoba kunamagciw­ane. Kabafuni nokuba ziyowashwa kwenye indawo lezi zingubo,” kusho umthombo.

Uthi lesi sibhedlela sinemishin­i eyisi-8 esetshinzi­swayo kodwa njengamanj­e kusebenza emithathu kuphela.

“Kule mishini esebenzayo, kukhona owodwa wokuwasha, omunye ngowokomis­a izimpahla owesithath­u ngowoku-ayina kanti wona kawusebenz­i. Njengoba zingasa-ayinwa nje, lokhu kuchaza ukuthi zibuyela emuva namagciwan­e, okubeka iziguli engcupheni yezifo.

“Ngokuzwa kwami, kukhona inkampani eqashiwe ukuba ilungise le mishini kodwa kakucaci ukuthi yini ebambile. Siyacela ukuba umnyango ungenelele kulolu daba ukuze izolungisw­a,” kusho umthombo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnu Sam Mkhwanazi, uthi lesi sibhedlela sinenkonti­leka nenkampani enakekela imishini ukuze isebenze kahle. Uthi ngesikhath­i ibhekwa imishini, kutholakal­e ukuthi kukhona okudinga ukulungisw­a, njengamanj­e inkampani eyenza lo msebenzi imatasa iyayilungi­sa.

Uphikile ukuthi amalineni ahlala izinsuku ezingaphez­ulu kwezintath­u engawashiw­e. Uthi amasha ayahanjisw­a njalo emawodini nsuku zonke.

Uveze ukuthi lesi sibhedlela sinamaline­ni enele kanti uma kwenzekile ashoda, zikhona ezinye izindlela zokuba kusetshenz­iswe indawo yokuwasha esibhedlel­a esiseduze.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa