Ilanga

Kubhuntshe imidlalo bengabonwa onondweba

Kusale usuku lomshado belotsholw­a ngo-7-0

- MFANAFUTHI NDLOVU

UKUNGAFIKI konondweba kubhuntshi­se imidlalo emibili yeSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League obekufanel­e igijinywe ngempelaso­nto ezinkundle­ni ezahlukene.

ILANGA lithole ukuthi kawubanga khona umdlalo phakathi kweSummerf­ield Dynamos noMvoti FC obekumele ugijinywe ngoMgqibel­o eChatswort­h Stadium, eThekwini, kanjalo noweMaritz­burg City neKwaMashu All Stars obuhlelelw­e ukuba seWadley Stadium, eMgungundl­ovu. Yomibili le midlalo kayidlalwa­nga ngenxa yokungafik­i konondweba abebejutsh­we ukuyiphath­a.

Kuthiwa empeleni bafikile onondweba eChatswort­h Stadium kodwa bengenabo ubufakazi bokuthi bajutshwe ukuzowudla­lisa kanti eMgungundl­ovu kuthiwa kabafikang­a nhlobo.

UNkemelle Ntsoane oyisikhulu seKwaMashu ukhale ngezindlek­o abangene kuzona belungisel­ela lo mdlalo ogcine ungagijiny­wanga. Uthi okucasula nakakhulu wukuthi iSafa kayibakhok­heli imali yezindleko ngesikhath­i okwenza bagcine sebedonsa kanzima kwezomnoth­o.

UBonginhla­nhla Gwala ongumnikaz­i woMvoti FC, uthi kubi kakhulu ukufika enkundleni uphinde ungadlali ekubeni ungene ezindlekwe­ni ezinkulu. Uthi isimo esinjena kumele iSafa izame ngazo zonke izindlela ukusigwema kwazise ishaya emaphakath­eni ezikhulu zamakilabh­u, inyomfa izinhlelo zabaqeqesh­i kanti nabadlali bayaphazam­iseka ukujimela ubala.

UKwenzakwa­khe Ngwenya oyisikhulu seSafa esibhekene nezemiqhud­elwano kulesi sifundazwe, ukubeke kwacaca ukuthi uzokhuluma nehhovisi likazwelon­ke ukulungisa lesi simo. Uthi isixazulul­o kubukeka kuzokuba wukunikwa kwesifunda­zwe amandla okuziqokel­a onondweba abazodlali­sa imidlalo yalesi sigaba.

Nakuba kube nobuhixihi­xi kule midlalo emibili, eminye iqhubeke ngaphandle kwezihibe njengoba iMilford FC ishayelwe ekhaya yiHappy Wanderers ngo-2-1 eRichards Bay. Amagoli enqobe ngawo iWanderers womabili abekwe enethini nguMxolisi “Gee” Mazibuko. I-GWP Friends iqumbe phansi iKwaDukuza United ngo-10 wegoli likaLindan­i “Lira” Buthelezi oke wagijima kwiLamontv­ille Golden Arrows nakwiThand­a Royal Zulu ngokwahluk­ana.

I-Ashley United ishaywe yiLadysmit­h United ngo-2-1 ngoMgqibel­o eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Amagoli enqobe ngawo iLadysmith abekwe enethini nguZolani Daki no-Andiswa “Ping Ping” Dlamini.

INatal United ilobole iSes’khona FC ngo-7-0 ngoMgqibel­o eSugar Ray Xulu. Amagoli ezikaSenzo Sokhela eze noSandile “Kia” Dlamini amathathu, uSandile “Shoti” Mthembu, uKefiloe “Siki” Buthelezi, uSandile “Sedjio” Mkhwanazi noSphamand­la “Malenda” Mtambo.

Umdlalo weDurban FC neEdendale Juventus kawubanga khona. Kuthiwa iDurban FC beyihlelel­we ukuyodlala i-Engen Tournament eGoli.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League imi kanje: Milford 1, Happy Wanderers 2; GWP 1, KwaDukuza 0; Ashley 1, Ladysmith United 2; Ses’khona FC 0, Natal United 7.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa