Ilanga

UTAU USEKULUNGE­LE UKUSHIYA I-SUNDOWNS

- SENZO SOKHELA

UZIBONA esekulunge­le ukushiya iMamelodi Sundowns ayogijima emakilabhi­ni ase-Europe uPercy Tau ongumdlali osemncane wale kilabhu ophinde agijime naseqenjin­i lesizwe lakuleli iBafana Bafana.

IBafana ijabulise abathandi bebhola bakuleli ibhudluza iBurkina Faso ngo-3-1 kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium, eGoli. Amagoli eBafana abekwe enethini nguTau, uThemba Zwane noSibusiso “Villa” Vilakazi, kwathi eleBurkina Faso lashaywa ngu-Alian Traore kwi- free-kick.

IBafana iqede lo mdlalo ingasaphel­ele kukhishwa ngekhadi elibomvu uBongani “Ben 10” Zungu.

UTau oqokwe njengomdla­li ovelele kulo mdlalo, uthi uzizwa esekulunge­le ukuyodlala e-Europe.

“Ngicabanga ukuthi yisona sikhathi-ke manje lesi sokuthi ngihambe ngiyodlala e-Europe. Yilapho kufanele ngikhulele khona ukuze ngithuthuk­ise nezinga lomdlalo wami. Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukugijima e-Europe, nami nginalo leli phupho futhi ngifisa lenzeke manje, yisona isikhathi lesi,” kusho uTau.

Ephawula ngomdlalo uthe: “Sibe nomdlalo omuhle, konke kwenzeke ngendlela ebesihlele ngayo. Besihlange­ne, yonke into ivune thina kulo mdlalo kangikhali ngalutho. Ngabe sihlohle inqwaba yamagoli kunalokhu wukuthi bese sizethemba ngokweqile sagcina sesimosha amathuba.”

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UBEBASHIYA bebhuquza kanje abadlali beBurkina Faso uPercy Tau oshaye elinye lamagoli okunqobe ngawo iBafana ewine ngo-3-1 ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UBEBASHIYA bebhuquza kanje abadlali beBurkina Faso uPercy Tau oshaye elinye lamagoli okunqobe ngawo iBafana ewine ngo-3-1 ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa