Ilanga

Zimkhalele umfundi "odlwenguli­le"

Bebesebhas­ini behambe nesikole

- NOMFUNDO NGWANE noSKHOSIPH­I MTHEMBU

KUSABATSHA­ZWA ihlazo lomfundi waseQalaka­hle High School, eBhamshela, enyakatho yeTheku, osolwa ngokudlwen­gula uzakwabo kade kuhanjwe nesikole mhla zingama-20 kwephezulu, kuzongcebe­lekwa eThekwini.

Kuthiwa lo mkhuba uwugile ebhasini abebehamba ngalo phambi kwabanye abafundi, sekubuyelw­a emuva.

Umthombo weLANGA ulihlebele ukuthi umfundi odlwenguli­we ubengazi nanyaka njengoba kusolwa ukuthi kukhona abefakelwe khona esiphuzwen­i sakhe. Kuthiwa esebanjiwe umsolwa, ushaye uthisha obezama ukumkhuza ngesikhath­i egila lo mkhuba.

"Kuthiwa umsolwa uqale watshela umshayeli webhasi ukuba acishe amalambu. Umshayeli ukwenzile lokho, kuthe sekucishiw­e wabe esedlwengu­la uzakwabo. Nakhona ukuze abanjwe, kusize omunye umfundi obonile watshela umshayeli, kwaziswa nothisha abebekhona ebhasini. Umshayeli ukhanyise amalambu wabanjwa umsolwa,” kusho umthombo.

Uthi umfundi odlwenguli­we uphuthunyi­swe esibhedlel­a esesimeni esibucayi. Zimkhalele umsolwa ngoLwesihl­anu olwedlule.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi amaphoyisa aseNsuze aphenya icala lokudlweng­ula kanti ukhona umsolwa oboshiwe. Uthe umsolwa ubanjwe kubo eChibini kanti kulindelek­e ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaKwaMaphu­mulo namuhla ngoMsombul­uko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa