Ucela uxolo ophimisele owoSuthu

Ilanga - - Ezemidlalo -

UCELE uxolo uGabadinho Mhango ongumgadli weBidvest Wits ngokuphimisela ngamathe uMichael Morton odlala kumaZulu FC.

UMhango uphumele obala okokuqala ngqa izolo ngeSonto ekhipha isitatimende abexolisa kusona ngesenzo sakhe esaholela ekutheni uMorton akhishwe ngekhadi elibomvu emuva kokucasuka wabe esemdudula.

Uthi usehlanganile noMorton walucela uxolo.

Uthi nakuba ebenesifiso sokuxolisa ngesikhathi lesi sigameko sisanda kwenzeka kodwa welulekwa ukungathi vu ngaso kwazise belusesezithebeni zekomidi eliqondisa izigwegwe lePremier Soccer League (PSL) elimthole enecala.

ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES

UHLULEKE wancama ukwenza imilingo yakhe uKhama Billiat weMamelodi Sundowns njengoba ebonakala eshikiliswa nguZitha Macheke weChippa United koweTelkom Knockout izolo ngeSonto eBuffalo City Stadium, e-Eastern Cape. IChippa inqobe lo mdlalo ngo-1-0 wegoli likaSamuel Julies.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.