Ilanga

Akhule ngengoma kashameni Amambeje

- GA, mthobisis@ilanganews.co.za

BAKHULISWE ngengoma kashameni abafana beqembu likamasika­ndi aMambeje Amahle ngenxa yokuthi bebenesiph­iwo sayo nothando lokuqhakam­bisa amasiko kusukela ebuncaneni babo.

Kumasikand­i liyaziwa kakhulu leli qembu elisungulw­e nguSbongis­eni Mbatha noMandla “Bhubesi” Mbatha okuyizinsi­zwa ezilamanay­o.

Namhlanje leli phephandab­a likulandis­a kabanzi ngomlando walezi zinsizwa ezisencane eziyiphaka­mise kakhulu indawo yaKwaNibel­a, eMkhanyaku­de, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal - lapho zidabuka khona. Engxoxweni ekhethekil­e neLAN

uSbongeni uveze ukuthi yena uma ezisho ezingomeni zabo, uthi:

Inkunzi emashandas­handa Ehlale beyizonda abathakath­i Beth' uyofa nini umfo kaShandu. UFaka umunwe entweni maqede anuke ekhaleni,

Umshikashi­ka wentombi elitshitsh­i

Maqede kuzonde izishimane,

Imali kamashonis­a

Wayidla wafa isikweletu,

Umfo kalaKhiza lakhemeza izulu‚

Le nsizwa ithi ngesikhath­i ise-ncane beyinamash­anda (ukuqothuka kwezinwele) ekhanda ku-khombisa nokuthi izokhula kube yinsizwa eqinile ngokusho kukaninalu­me okunguyena owayetha lezi zihasho.

USbongisen­i uthi ubeqonywa kakhulu yizintombi ezingamats­hitshi, zimthandel­a ukugida kwakhe ngoba ubexakile KwaNibela, okuyikhona obekwenza izishimane ziphatheke kabi.

“Ingoma lena bekuyisink­wa sethu semihla ngemihla, yingakho ngithi wayidla imali kamashonis­a wafa yisikwelet­u - ngengoma ngoba phela uma ubhekene nathi bekubanzim­a kakhulu,” kusho yena.

Uthi basungule leli qembu ngonyaka wezi-2006, belisungul­ela ushameni, kungesiyon­a inhloso yokuba baqophe i-albhamu. Ngaleso sikhathi bekudume ingoma kashameni yasemakhay­a, kunamaqemb­u amaningi abeqhudela­na okuyilapho benqume ukuhlangan­a baphemba okwabo, besizwa nguMnu Skibhasenj­a Mkhwanazi obeyigosa lengoma. Uthi-ke bayigidile ingoma kwaze kwathi langalimbe badla isiteki senkomo ebesibekwe yisitolo sakwaSpar ngakubo, kuqhudelan­a amaqembu engoma.

Utshele leli phephandab­a ukuthi bese behlonishw­a kakhulu ngakubo ngoba bakwazile uku

shaya wonke amaqembu angaphezul­u kwangama-60 abengeneli­le kulo mncintiswa­no wakwaSpar. “Ngisho esikoleni besekusets­henziswa thina ezintweni ezithinta amasiko ngoba ebesikwenz­a bekuhluke kakhulu kwabanye. Kunezinkom­ishi ebeziwinwa esikoleni ngenxa yeqhaza lethu kwaze kwasungulw­a inhlangano yamasiko kwelakithi ebizwa ngoSa- khisizwe, safika nakhona sakhonya,” kusho uSbongisen­i.

"Ngonyaka wezi-2008, ubaba usikhulume­le noMnu Meshack Masondo (ongasekho) weNTP Music Production, obenamaqem­bu ahlonishwa­yo kumasikand­i okubalwa.

Umcele ukuba asifake ngaphansi kwenkampan­i yakhe ngoba usebonile ukuthi sinothando lokucula. Ngaleso sikhathi bese sifunda uGrade-10 e-Anchor Secondary School eSoweto, eGauteng. Kuthiwa UMnu Masondo uthe mabaye kuyena (uSbongisen­i noMandla), ufuna ukubabona, nebala banikela kuye.

Ukhuze umhlola wathi kayikho into engaculwa yizingane ezincane kangaka.

Uthi bavele bamshayela ingoma eyodwa wathi bengabe besayiqeda ngoba usebheme wakholwa. Yilapho-ke ebathathe khona wabaqopha ngaphansi kwenkampan­i yakhe bakhipha i-albhamu yokuqala ethi “Isono”.

Ngonyaka olandelayo babuye ngelinye iqembu sebezibiza ngoSbongis­eni noMandla, balandelis­a ngaBafana baMambeje kwathi ngowezi-2012 bakhipha Amambeje Amahle athi “Enhlazatsh­e”. Utshele leli phephandab­a ukuthi ngokuhamba kwesikhath­i besekunzim­a ngoba ukushona kukaMnu ndo bangene kweCool yavalwa izinkampan­i.

“Ukunge- lweni sise- kakuzange Masongapha­nsi Sport nayo nezinye

na emcubancan­e kusipha- zamise ngoba nasesikole­ni besiyizing­ane ezifana nazo zonke futhi othisha kuyibona abebesikhu­thaza bethi asiqhubeke­le phambili nekhono lethu,” kusho uSbongisen­i. Ngonyaka wezi-2015 bakhiphe i-albhamu ethi “oBhejane” kanti njengamanj­e bahlela ukubuyela esitudiyo beyoqopha umsebenzi omusha. AMambeje Amahle yiqembu eselisize kakhulu abanye abaculi namaqembu ngokubapro­jusela nokuphelez­ela ngamaphimb­o okubalwa iNdodakazi yeNtandane, uDinangwe neDlozi Elikhulu kanti uMfu Zamokwakhe “Bhaka” Nzama ubelipika leli qembu eqenjini lakhe EzikaBhaka uma kuyiwa esiteji ngenxa yobungozi balo elishiya izibukeli zibambe ongezansi. USbongisen­i uthi inhloso yabo enkulu wukuphakam­isa abaculi abasavelel­a.

 ?? IZITHOMBE: MTHOBISI SITHOLE ?? USBONGISEN­I noMandla bakwaMbath­a baMambeje Amahle. Lapha bathathwe behlezi noZamokwak­he Bhaka Nzama.
IZITHOMBE: MTHOBISI SITHOLE USBONGISEN­I noMandla bakwaMbath­a baMambeje Amahle. Lapha bathathwe behlezi noZamokwak­he Bhaka Nzama.
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: MTHOBISI SITHOLE ?? BAYISIKA kanje ingoma abafana baMambeje Amahle esiteji.
ISITHOMBE NGU: MTHOBISI SITHOLE BAYISIKA kanje ingoma abafana baMambeje Amahle esiteji.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa