Ilanga

LO MGWAQO WASEQHUDEN­I UYING OZI

- Busi Khanyile ENKANDLA

MHLELI: Ngibhala maqondana nomgwaqo uD1566 osuka emasangwen­i amnyama uya eNkosini Sithole eQhudeni, omubi. Lo mgwaqo kade wagcina ukulungisw­a futhi uzodala ingozi ngoba unemigodi phakathi nendawo, ungaphansi kukaMasipa­la waseNkandl­a oholwa yiMeya Thamsanqa Ntuli.

Siyavota kodwa kzakwenzek­i lutho, amabhasi athutha abafundi azodala enkulu ingozi. Ngicela ungibuzele kwimeya ukuthi isabelo salo mgwaqo sishonaphi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa