LO MGWAQO WASEQHUDENI UYING OZI
MHLELI: Ngibhala maqondana nomgwaqo uD1566 osuka emasangweni amnyama uya eNkosini Sithole eQhudeni, omubi. Lo mgwaqo kade wagcina ukulungiswa futhi uzodala ingozi ngoba unemigodi phakathi nendawo, ungaphansi kukaMasipala waseNkandla oholwa yiMeya Thamsanqa Ntuli.
Siyavota kodwa kzakwenzeki lutho, amabhasi athutha abafundi azodala enkulu ingozi. Ngicela ungibuzele kwimeya ukuthi isabelo salo mgwaqo sishonaphi.