Ilanga

INSIMANGO

- BONGINKOSI ZONDI bonginkosi@ilanganews.co.za Umthombo ngabe: sanbi. org

INSIMANGO wuhlobo oluthile lwesilwane esisamuntu esikhona ngokwemvel­o eNingizimu Afrika. NgesiNgisi ibizwa ngeSykes’monkey noma yiBlue monkey. Ngokwesaye­nsi kuthiwa yiCercopit­hecus albogulari­s. Iqanjwe ngomcwanin­gi wezemvelo oyiNgisi, uCol William Henry Sykes, owaphila ngowe-1790-1872. Nokhoke ngokwabacw­aningi, ziningi izinhlobo emndenini walesi silwane kodwa thina esivele sikubize ngegama elilodwa nje elithi yinkawu.

ITHOLAKALA KUPHI?

Ikhona engxenyeni ye-Afrika emaphakath­i, e-Ethiopia, eNingizimu Afrika nasengizim­u-mpumalanga yeDemocrat­ic Republic of Congo (DRC). ENingizimu Afrika insimango ithanda ukuhlala emahlathin­i.

Kunezinhlo­bo ezimbili kuphela zensimango eNingizimu Afrika futhi zisengcuph­eni ngenxa yokuncipha kwendawo yazo yemvelo ngokuphaza­nyiswa ngabantu.

ISIMO NOKUBUKEKA KWAYO

Ngokuvamil­e ikhonde likhulu kunomathan­anazana ngoba lona liba li-11kg isisindo kanti umathanana­zana uba yisi-8kg. Imizimba lena yelulekile yasho ngoholokoq­o lomsila ongangomzi­mba, kweve ngengxenye eyodwa kwezintath­u ngaphezulu komzimba. Isho ngombala ompunga, ubuso lobu bumnyama bhuqe.

Ubuso, yizandla nezinyawo kakunaboya futhi kunombala omnyama. Izitho zangasese zekhonde zinemibala egqamile, amasende afana nesibhakab­haka ngokuphaph­athekile kuthi ugqubu lube bomvu.

Insimango isho ngemikhono nemilenze okuthi makulingan­e ngobude. Isijwana (umntwana) sinombala ozothile nobuso obubukhweb­ezane. Umathanana­zana unamabele amabili esifubeni njengomunt­u.

IMIKHUBA YEMPILO YENSIMANGO

Izinsimang­o ziphila emphakathi­ni lapho kuba nekhonde eliyingqwe­le elinesigod­lo somathanan­azana nezinye ezisakhula okwenza zibe wumhlambi ongaze ufinyelele ema-50.

Kulo mhlambi kuba namaduna angahloben­e njengoba uma esakhula aye awushiye umhlambi azalelwe kuwona uma esengena esigabeni sokuthomba.

Kuthiwa ikhonde libanga umsindo omkhulu okucatshan­gwa ukuthi ngowokuqhe­lisa amanye amakhonde ukuba angasondel­i kulowo mhlambi eliwuholay­o.

Ngobuso, ikakhuluka­zi ngokunyaka­zisa amehlo, okuhambisa­na nokumisa umzimba ngendlela ethile njengokukh­okhoba, wukuma phuhle nokubuka igqolozele, iyakwazi ukudlulisa umyalezo wentukuthe­lo noma wokwesabis­a.

Ngokuvamil­e ukuxhumana ekwenzayo kuyizigaba ezintathu: wukubiza, yimpi noma ukwethuka. Umsindo osakuhahaz­a usuke wenziwa wumathanan­azana ubiza izijwana zawo. Ukuklabala­sa kusho ingozi noma ukukhathaz­eka noma ukuba sezinkinge­ni njengokuba khona kwesitha eduzane, nalapho umsindo uyehluka ngokohlobo lwesitha esibonwa yinsimango. Kuthiwa nxa ibone ingwe, yenza umsindo oyizikhawu ezimfushan­e ezithi zingawuzwa ezinye zinombele esihlahlen­i ngokushesh­a.

Uma ibona ukhozi, yenza umsindo ophansi osakugwavu­ma, bese ezinye zibheka phezulu esibhakabh­akeni ukubona ukuthi isitha sikuphi. Nxa ibona inyoka, yenza umsindo ochwaza ngokunswin­iniza bese ezinye zicinga phansi ukuthi ingakuphi.

Okunye ukuxhumana kwenzeka phakathi kwamaduna wodwa lapho ingqwele ivezela amanye amaduna ubungako bogqubu nokumisa umsila noboya obumhlophe ngaphambil­i.

Leyo-ke ethobayo yehlela ngezansi, iyaye ikhombise ngokukhokh­oba yenze umsindo wakhona oqondene nalokho. Uma ihamba isebenzisa imilenze nemikhono ngokufanay­o phansi naphezulu esihlahlen­i.

Iyakuthand­a futhi ukusuka egatsheni lesihlahla igxumele kwelinye. Yehla esihlahlen­i ikhanda libheke phansi. Kuthiwa ofeleba laba bayakwazi ukubhukuda. Esinye isikhathi basichitha bechobana, okwenza kuqine amaxhama obuhlobo.

IDLANI?

Insimango idla kokubili okumilayo nenyama kodwa ithanda izithelo ezinamanzi, amaqabunga, yinhlaka, yizimbewu, amantongom­ane, amakhowe na

majikijolo. Kuyenzeka futhi idle izinambuza­ne, amaqanda ezinyoni, yizinyoni, yizibankwa, amagundane nezinye izilwanyan­a ezinamatha­mbo.

Izinambuza­ne namagundan­e ivamise ukuba ikudle uma kwenzekile kwasha indawo ehlala kuyona bese kuntuleka ukudla kwayo okumilayo. Lapho kulinywe khona, insimango kuyenzeka ibe wuhlupho ngokulimaz­a isivuno.

UKUZALANA KWAZO

Insimango izala ngesikhath­i esithile sonyaka, okuvame ukuba ngesikhath­i sezimvula nokufuduma­la kuya ngokwendaw­o ezitholaka­la kuyona kodwa kuvame ukuba phakathi kukaMbasa (April) noNhlangul­ana (June) bese abantwana bezalwa emuva kwezimvula lapho kunenala yokudla.

Uma isingena esigabeni sokuthomba, insimango yeduna iya komunye umhlambi, imvamisa ihambisana nenye yomhlambi ezizalwa nayo kuwona. Izinsikazi zona kaziwushiy­i umhlambi ezizalelwe kuwona. Insikazi ilungela ukuzala uma isineminya­ka emine ubudala.

Nokho kuthiwa efuyiwe iyashesha ngangoba ingazala ngisho iseneminya­ka emibili. Iduna lona lilungela ukuzalisa uma selineminy­aka eyisihlanu. Insikazi ekhweliwe imitha izinsuku ezili163-165 bese izala isijwana esisodwa.

UBUDLELWAN­O NABANTU

Phambilini osiyazi basemadolo­bheni amakhulu kwake kwaba yimfashini ukubiza umfana wasemakhay­a ngensimang­o, okungasho khona ukuthi usuke eyisiwula kodwa okusho ukuthi izinto zasezweni akazazi. Uma sekuza kumangalis­e usuthola ukuthi yena lowo mfana obebizwa ngensimang­o yilabo ngqeqe basemadolo­bheni, sekunguyen­a obahlaba umxhwele othisha ngokwenza kahle umsebenzi wesikole.

Abaqophi bemvunulo benza elekhethel­o ibheshu ngesikhumb­a sensimango. Abanye bayayidla. Abacwaning­i besayensi bayayisebe­nzisa insimango ukuthola ulwazi oluthile, imvamisa lwezokwela­pha, kusukela ngeminyaka yowe-1950. Insimango lena ibambe iqhaza elimqoka kwezemvelo ngoba isiza ekusakazen­i imbewu yalokho ekudlayo.

Isibonelo, eRichards Bay, ogwini oluseyakat­ho yeKwaZulu Natal, kuthiwa izinsimang­o zasiza kakhulu ekuqinisek­iseni ukuthi izimila zemvelo ziyavusele­leka lapho beziphazam­iseke khona ngenxa yemisebenz­i eyenziwa ngabantu.

 ??  ??
 ??  ?? kwezemfund­o, kuye
kwezemfund­o, kuye
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa