Uyisikhwishikhwishi uMabhilidi
LUQALE ekwaluseni uthando lomculo kamasikandi, wakhula nalo wazitshela ukuthi ngelinye ilanga uyolifeza iphupho lakhe aphakamise indawo yangakubo, uMhlonipheni “Mabhilidi” Biyela (31) waseMahlayizeni eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal.
Uzabalaze kanzima kwaze kwaba usekuleli zinga akulona njengamanje lokwaziwa emculweni wesintu. Namhlanje ILANGA likulandisa ngale nsizwa esencane eyigagu ngendlela emangalisayo. Ngichazeka uma esezihasha esezisho kanje: “Lagadla lagalawela Ibhilidi ebhungwini, Gadla begagaza abafana bendawo Nabezizwe entombini Beyinyunda bethi akukho ntombi Engaqoma uMabhilidi ibhinca, Ibhinca unyoko. Utshelwa yimina is’khwishikazana, isiphepho esiqhamuke ngoNtunjambili, Fulathela muntu wenkosi Kudilika amabhilidi Kuyosinda onenhlanhla. USihlangu esimaqothuqothu esimagqabhagqabha, Izinduku zababhemu. Umsikazi wekhanda Kanti ufuna umlenze. Galaza ogcwele izibilico Bawubambe ngozwane woza nawe uzodela. IMfolozi emnyama ekhetha abaweli, Qembu zimaqembuqembu Zigudle ijokane Bathi ezinye eMadidimba Seniyongibhekela nina baseNgungumbane UMabhilidi uthi ebufaneni bakhe ubegadla kakhulu ngesikhwili, yingakho bethi ugadla egalawela.
Utshele leli phephandaba ukuthi eminyakeni edlule esafunda isikole, ushele intombi ya-
kwaThabethe ebisatshwa ngabafana bendawo, engekho ofuna ukuyiqonda ngqo. Kuthe uma ezilahla amakhahlambana esezoyinqoba, kwaba nabamnyundelayo bathi uyibhinca kakumele ithandane naye, yamphunyuka kanjalo.
Uma ziqhubeka izihasho zakhe ziveza ukuthi uyiphiwe ingoma, yingakho ezifanisa nesikhwishikazana sesiphepho esiqhamuke kabi ngaKwaNtunjambili ngoba uma izulu lihlome ngakhona, kusuke kuzoba kubi kakhulu ngakubo.
“Ngiyakhwishiza kakhulu ngengoma, ungangibuka ungeye kanti ngiyingozi futhi nangenduku ziyokutshela izinsizwa zangakithi. Ngifike ngisikaze bese uzigoqa uqede uvika kanti ngizoshaya umlenze,” kusho uMabhilidi.
Uthi emndenini wakubo bayaphana kakhulu yikho phela ethi ugalaza ugcwele izibiliboco nawe woza uzodela. Ngokomlando wale nsizwa emculweni, ibivele inesiphiwo sengoma nakuba ibicula esikoleni kodwa ukuhlangana kwayo noKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose besengabafanyana, kuyigqugquzele kakhulu. UMabhilidi ubevakashele koninalume eMandaba, eNkandla - okuyilapho kudabuka khona uKhuzani - kwaba yithuba lokuba bazane kabanzi, bathola nethuba lokuziculela.
Bekuthi uma bezichithela isizungu bazihlalele endaweni esesikhaleni, bacule kwaze kwaba baphothula isikole bafikelwa wumbono wokuqhubeka nomculo.
UMabhilidi ngomunye unyaka ubevakashele KwaGxobanyawo eNquthu maphakathi neKwaZulu-Natal engomeni
yezi- godi ebibizwe nguKwakhe “Mgqumeni” Khumalo, iBhova likaDikadika (ongasekho) okuyilapho ebonwe khona nguGadla Nxumalo (umculi) wathanda ukubiza kwakhe ingoma wathi ufuna ayosebenza naye emculweni. “Kwakuphelele amagoso kule ngoma okusho ukuthi uGadla wangizwa ngivumisa wabe esengisondeza, wathi uma ngiqeda isikole ucela ngisondele kuyena,” kusho uMabhilidi.
Ngonyaka wezi-2008 uphothule umatikuletsheni eVelangaye Comprehensive High wabe esedlulela eMfolozi College eShowe, enyakatho-mpumalanga wenza iziqu zokwakha.
Uthi ubenekhono kakhulu lokwakha ngoba ziningi nezindlu azakhile kwelakubo eNkandla. Utshele ILANGA ukuthi eseqede isikole ulibangise eThekwini ngonyaka wezi-2010 eyozama amatoho eThekwini wabe esehlangana noGadla bashaya ingoma kanti ngaleso sikhathi uKhuzani ubesehlala ePretoria engunogada.
“Siqalile saxoxa noKhuzani ukuthi siqophe iqembu lethu ngoba yena ubesemtholile nomuntu ozodlala intambo (uMntuyenziwa Khanyile), mina bengicula phambili yena ephelezela ngamaphimbo nebala.
“Sisizwe nguCevuzile Mchunu onike uKhuzani imali yokwenza i- demo yahanjiswa enkampanini yeZingane Zoma. Ngaleso sikhathi besikwenza lokhu siqhelelene, mina ngihlala eThekwini yena esePretoria.
“Maningi amagama esizame ukuzibiza ngawo kodwa kwasho ukuthi akhona emculweni. Ngelanga lokushuthwa kwesithombe, ngibambeke ekhaya kanti uMnu Shobeni Khuzwayo, ongumphathi weZingane Zoma, ubesephuthuma kakhulu noMntuyenziwa naye waba nezinkinga zakhe kwagcina sekuphuma i-albhamu ebizwa ngoKhuzani kodwa empeleni wumsebenzi wethu sobathathu lona ophumile,” kusho uMabhilidi.
Uthi i-albhamu yokuqala kaKhuzani ethi “Bahluleke Bonke” bayenze bobathathu nakuba beyiqanjwe ngoKhuzani. Ngonyaka wezi-2013 uphume inxiwa lakhe uMabhilidi wakhipha i-albhamu ethi “Bazishaya Inqulu” kwalandela ethi “Bagquma Emkhabeni” kanti nyakenye bekuphume ethi “Ismile Senja”. Njengoba kubhekwe kuZibandlela (December)
uzodedela entsha.