ICHIEFS NEBUCS BACAZELANE AMAPHUZU KWI-MDC

Ilanga - - Ezemidlalo - MFANAFUTHI NDLOVU

BASIKE iphethini embi kobhuti abadala abadlali be-Orlando Pirates Reserves nabeKaizer Chiefs Reserves bebambana ngo-1-1 koweMultiChoice Diski Challenge (MDC) izolo ngeSonto eKing Zwelithini Stadium yodumo eMlazi.

IBucs neChiefs sebejwayele ukucazelana ngamaphuzu uma la makilabhu ehlangene kwi-Absa Premiership. Nokho okuhlukile emdlalweni wala makilabhu weMDC wukuthi womabili la makilabhu agijime ingcwenga yebhola eshiye izethameli zibheme zakholwa.

Le midlalo ibihanjelwe ngabathandi abaningi bakanobhutshuzwayo okwenza kungangabazeki ukuthi abakwaMultiChoice basazoqhubeka nokuletha idili lemidlalo yabo kuleli lokishi elibalwa namakhulukazi eNingi- zimu Afrika.

AmaZulu FC Reserves anikwe izifundo zamahhala zikanobhutshuzwayo enenebulwa yiLamontville Golden Arrows Reserves kuba ngu-5-0 ngoMgqibelo enkundleni engenhla. Kulo mdlalo u-Andile “Carrot” Fikizolo uqokwe njengomdlali ovelele.

Isiyonke imiphumela yeMDC: Orlando Pirates Reserves 1, Kaizer Chiefs Reserves 1; Bloemfontein Celtic Reserves 3, Free State Stars Reserves 1; Polokwane City Reserves 2, Baroka FC Reserves 1; Maritzburg United Reserves 2, Platinum Stars Reserves 2; Golden Arrows Reserves 5, AmaZulu Reserves 0; Chippa United Reserves 3, Bidvest Wits Reserves 2; SuperSport United Reserves 3, Mamelodi Sundowns Reserves 0; Cape Town City FC Reserves 0, Ajax Cape Town Reserves 1.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.