UDOCTOR KHUMALO UDALULA IMFIHLO YAKHE KWI-BAROKA
UDOCTOR “16 V” Khumalo ongusomaqhinga weBaroka FC udalula imfihlo afike nayo kule kilabhu eyijike ekubalweni namakilabhu avika izembe njengoba isiphenduke undabamlonyeni ngokuvulela isibhaxu selokhu kuqale isizini entsha ye-Absa Premiership.
Ekhuluma neLANGA eseThekwini kuqhubeka umcimbi i-We are Football ngoMgqibelo ntambama ePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, uKhumalo uthi uqale wabuyisa ukuzethemba kubadlali bale kilabhu esinde ngemidlalo yokuhlunga ekudliweni yizembe ngesizini edlule.
Uthi ugcizelele ukuba bazethembe, bakuqonde kahle ukuthi kabasayiniswanga ngephutha kule kilabhu nokuqonda ukuthi amanye amakilabhu kawekho ngcono kuneyabo uma sekukhulunywa ngokukhulumisa ibhola ensimini.
IBaroka iqhwakele kwi-log ye-Absa Premeirship ngamaphuzu ali-16 emuva kwemidlalo eyisi-9.
Selokhu kufike uKhumalo izinto zibukeka zihlangana kule kilabhu nakuba engathandanga ukuphumela obala ngezifiso zabo kule sizini. Nokho uthi angakuthokozela ukuba baqede bebalwa namakilabhu amane ukusuka esicongweni.
UKhumalo uchaze abaningi eshaya izitayela adume ngazo ngesikhathi izinkakha zibungaza ukunqoba indebe ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ngowe-1996. U-Errol Madlala ongomunye wabagqugquzeli balo mcimbi, uthe konke kuhambe kahle.