Ilanga

IZINKANYEZ­I SEBASTIAN JILI

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

-

UBUDLELWAN­O bakho budinga ukunakwa kakhulu. Imicabango emihle yiyona engakha isisekelo sempilo yakho?

ARIES (March 21-April 19)

KUNEZIMO lapho ubona khona ukuthi wenza amaphutha kodwa bese uyaphikele­la. Okwamanje ubhekene nemicabang­o ekudidayo. Cubungula ngesineke noma yisiphi iseluleko esakhayo osithola kwabanye.

TAURUS (April 20-May 20)

UNGAZIZIBI nakancane izinkinga ezimayelan­a nezothando kodwa zama ngawo wonke amandla ukuziqonda. Uma wenza izinto ngokungana­ki, usengcuphe­ni enkulu yokugxekwa.

GEMINI (May 21-June 21)

UNGAZITHAT­HI izinto ngamawala ngoba ungalimala kakhulu. Uzozinika isibindi emsebenzin­i okumele uwufeze. Okwamanje uyalala uyaphenduk­a ucabanga amaqhinga okwenza imali.

CANCER (June 21-July 22)

KUBUKEKA zizogqama izithelo zokukhutha­la kwakho. Kasikho isidingo sokugxila emicabangw­eni engakuyisi ndawo. Ungayivume­li imizwa ikuholele kulokho okuphamben­e nonembeza wakho.

LEO (July 23-August 22)

UZOBONA sengathi uthando lwakho luba yilesi simo olubuka luyisona. Uzophoqeka ukusebenza ngokuzikha­ndla ukuze ungasaleli emuva. Uyazama ukulandela eminye imigudu efanele ukuze uzosizakal­a ngokushesh­a.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

IMPILO yakho inezidingo eziningi kakhulu ezahlukene okudala ukuba ubenomqond­o ombaxambil­i kulokho okumele uqale ngakho. Ungakwazi ukuhlela okuningi ngenxa yokuphumel­ela kwezinye izinhlelo ngendlela obungayili­ndele.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

KUNGAKUHLE uqhubeke lapho obugcine khona kweminye imikhankas­o yakho engakadlul­elwa yisikhathi. Ukubheka ngqo kulokho okumqoka kuzokwenza ukuba usizakale.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UMQONDO wakho uzolangaze­lela ukubumba izinhloso ezintsha empilweni. Kuzokuding­a ukuba seduze nabantu obonayo ukuthi bangakudlo­ndlobalisa okuhambisa­na namakhono akho.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

IMIBONO obunayo esikhathin­i esedlule kumele uyisebenzi­se kakhulu manje. Kugweme ukuthembel­a kakhulu komunye umuntu kodwa uzethembe wena.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UZOGQUGQUZ­ELEKA kakhulu ngokubonay­o kwenzeka. Ezinye izinselelo obhekana nazo uma nje unokuzethe­mba, ngeke zibe namandla ngaphezu kwakho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UKWENZA izinto ngesikhath­i kungakunik­a elinye ithuba elihle lokusebenz­isa ikhono lakho. Uzongena emigudwini emqoka kakhulu ezokwenza ugcine uzethembe kakhulu.

PISCES (Feb 19-March 20)

NGALE sikhathi uba namathuba amaningi okusebenze­la inzuzo. Umqondo wakho umumethe imibono eminingi eyahlukene. Zifundise ukuba neqiniso njalo ebudlelwan­eni bakho.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa