SEKULINDWE I-IRON DUKE NGO-JELE

I-Arrows igabe nangengcindezi ephezu kukaMphathi

Ilanga - - Front Page - SENZO SOKHELA

IZINDABA ezinhle nezimbi ekhempini yeKaizer Chiefs ngaphambi komdlalo omqoka ezowugijima neLamontville Golden Arrows weNedbank Cup Last 32 ozokuba ngeSonto ngo15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

Lo mdlalo uthathwa njengomqoka kuSteve “Mphathi” Komphela ongumqeqeshi weChiefs njengoba le nkomishi kungenzeka icacise ngekusasa lakhe kwazise inkontileka yakhe iyaphela uma kusongwa isizini. Uma engahlulwa yiArrows kulo mdlalo cishe kuzobe kuphelile ngaye nale kilabhu yize kuzokube kusasela isicoco seligi.

IChiefs izokuya kulo mdlalo kunezindaba ezinhle nezimbi ekhempini yayo. Ezinhle ngezokuthi uBernard Parker obelimele iqakala kungenzeka abonakale kulo mdlalo njengoba eseqalile ukujima ngokugcwele nezakhe. UJoseph “Tight” Molangoane noTeenage Hadebe abebedonsa izigwebo zamakhadi aphuzi bashaya ibuya.

UTsepo “Chester” Masilela naye obelimele iqakala, useqalile ukujima nabalingani bakhe kodwa akukacaci ukuthi uzodlala yini.

Ezimbi ngezokuthi njengoba kubuya laba badlali nje, kunge- nzeka baphambane noPhilani Zulu omiswe kabi yiqakala noGeorge Maluleka odonseke imisipha esihluzwini. Kuthiwa iChiefs ibambe umoya ngalaba badlali.

UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs, uthi nakuba bebhekene nobunzima kodwa bazowunqoba lo mdlalo.

“Zikhona izingqinamba esibhekene nazo kodwa ngeke zivimbe ukuthi siwunqobe lo mdlalo. Lo mqhudelwano siwubheke ngabomvu, yiwona esifuna ukubuyisa ngawo isithunzi sethu. Siyazi ukuthi lo mdlalo uzokuba nzima kodwa i-Arrows ngeke idabule, izophuma ekuseni,” kusho uMaphosa.

UClinton Larsen ocija i-Arrows, uthi bangawaphendula amatafula kulo mdlalo.

“Siyazi ukuthi kasinikwa lutho kulo mdlalo, iChiefs iyizimfivilithi. Kodwa-ke yibhola leli singawaphendula amatafula bese abantu besala bebambe ongeza- nsi. IChiefs iyona enengcindezi ngoba iyafuneka le nkomishi kumqeqeshi wayo thina kasinayo. Kodwa-ke siyakwazi esikulindele kuyona, sizokuqinisekisa ukuthi siyawunqoba lo mdlalo,” kusho uLarsen.

Isiyonke imidlalo esazogijinywa yeNedbank Cup Last 32 imi kanje:KUSASA NGOLWESIHLANU E-Athlone Stadium: Cape Town All Stars vs Mamelodi Sundowns 19h30 (SS4). NGOMGQIBELO EDobsonville Stadium: Swallows FC vs Maritzburg United 15h30 (SS4).

EParow Park: Steenberg United vs Orbit College 15h30.

Kabokweni Stadium: Phiva Young Stars vs Chippa United 15h30.

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Ajax Cape Town 20h15 (SS4).

EGoble Park: Super Eagles vs Free State Stars 20h15. NGESONTO E-Old Peter Mokaba: Mariveni United vs EC Bees Stadium 15h30.

ESugar Ray Xulu Stadium: Happy Wanderers vs Royal Eagles 15h30.

EFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Golden Arrows 15h30 (SS4).

EDr Molemela Stadium: Bloemfontein Celtic vs SuperSport United 15h30 (SS10). NGOLWESITHATHU EMhlathuze Stadium: Richards Bay vs Bloemfontein Young Tigers 15h30.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

NGUMQEQESHI weKaizer Chiefs ezobhekana neGolden Arrows koweNedbank ngeSonto, uSteve Komphela. Lo mqeqeshi ubhekwe yisambane njengoba ikusasa lakhe lingacaci kwazise akakanqobi nkomishi neziMpofana.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UCLINTON Larsen uthi ezakhe i-Arrows zizogaba ngengcindezi ebhekene nomqeqeshi weChiefs emdlalweni weNedbank uma la maqembu esebhekene ngeSonto eFNB Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.