UHLONISHISWE OKWEQHAWE UJUMBO

Ilanga - - Izindaba - ANDILE MOSHOESHOE

WEMUKELWE njengeqhawe umculi wokholo, uJumbo Nyangiwe, wumphakathi wangakubo e-Ibisi, eMzimkhulu, emcimbini wokubungaza ukuphumelela kwakhe kumaCrown Gospel Awards ngonyaka owedlule.

Lo mcimbi, obungoMgqibelo enkundleni yezemidlalo i-Ibisi, ugqugquzelwe wumasipala wesifunda, iHarry Gwala, ubambisene nowaseMzimkhulu, uMnyango wezamaCiko namaSiko namaKhosi.

Phakathi kwabaculi abebeyingxenye yalo mcimbi kubalwa Igcokama Elisha, uDumi Mkokstad, uBetusile, uKhuzani, Abanqobi nabendawo abanikwe ithuba lokuvula ishashalazi nokuqhakambisa amakhono abo.

INkosi uPhathisizwe Chiliza, enguSihlalo weNdlu yabaHoli beNdabuko, income uJumbo ngomsebenzi wakhe omuhle nangekhono lakhe.

“Engikuthanda ngomsebenzi wakho wukuthi ukhethe umculo wokholo, ovuselela abantu,” kusho iNkosi uChiliza.

IMeya yaseHarry Gwala, uMnu Mluleki Ndobe, income iqhaza likaZanele Mbokazi-Nkambule ngokusungula iCrown Gospel Awards ethi wuhlelo lokugqugquzela abaculi bakuleli, ikakhulukazi bomculo wokholo obukade ubukelwa phansi.

“Sesiyajabula ukuthi umculo obubukelwa phansi, okubalwa kuwo umaskandi, isicathamiya nowokholo, usuyadlalwa. Yingakho neLadysmith Black Mambazo ihlonishwa ezizweni,” kusho uMnu Ndobe.

Ube esedlulisa isheke likaR30 000 kuJumbo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.