U-BENNI AKABONI SIMANGA KWI-CHIEFS

UParker uthembisa abalandeli iligi neNedbank Cup

Ilanga - - Front Page - SENZO SOKHELA

UBENNI McCarthy akaboni simanga kwiKaizer Chiefs engayazi induku emidlalweni yayo yonke imiqhudelwano selokhu kuqale lo nyaka.

UMcCarthy uphumele obala ngokuthi kayimethusi ngisho nakancane ifomu yakamuva yeChiefs. Ukhuluma ngalolu hlobo nje uMcCarthy, iCape Town City ayiqeqeshayo izoshukana neChiefs kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-20h15 eFNB Stadium, eGoli.

UMcCarthy uthe: “Yona iyadlala iChiefs kodwa kangikholwa ukuthi yinto esingaze ibatshazwe ngabantu. Iyadlala nje lokhu okungatheni.

"Sazi kahle ukuthi kayikehlulwa kulo nyaka, yikhona okusikhuthazayo ngoba sifuna ukuba yikilabhu yokuqala ukuyiguqisa.

"Ngiyazethemba ezami kaziwi kalula, ziwa kanzima, neChiefs uma ifuna ukusehlula kuzofanele isebenze ngokuphindiwe.”

IChiefs izokuya kulo mdlalo ihambela phezulu njengoba isanda kucoboshisa iLamontville Golden Arrows ngo-3-0 koweNed- bank Cup. Kulo mdlalo uBernard Parker ongumgadli weChiefs ubingelele ngegoli kubalandeli ekubeni ebebuya ekulimaleni.

UParker uthe: “Sekuphele isikhathi eside abalandeli bethu bengajabule.

"Ngifisa ukubazisa ukuthi lesi yisona sikhathi sokuba sixolise ngenkomishi kubona. Sizigaqele zombili, iligi neNedbank. Ngendlela esidlala ngayo ithuba lokukwenza lokhu sinalo.

“Nokho kasifuni ukuzifakela ingcindezi. Sizimisele ngokufuna ukubhekana nomdlalo ngamunye, konke kuzozenzakalela.

Lo mdlalo weCity kufanele siwunqobe kumnyama kubomvu. Ukushaya amakilabhu asesicongweni yikhona okukwenza uzibone ukuthi ubheke kuphi.

“Noma kanjani ngiyathembisa ukuthi sizobalwela abalandeli bethu.

"Ngiyacela nakubona ukuthi baseseke, sibambisaneni ukuze ikilabhu ibuyelwe yizinsuku zayo zenjabulo,” kusho uParker.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiership engempelasonto iqhathwe kanje:KUSASA NGOLWESIHLANU EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs AmaZulu FC 20h00 (SS4). NGOMGQIBELO EPrincess Magogo: Golden Arrows vs Bidvest Wits 15h30 (SS4).

EPeter Mokaba: Baroka FC vs Chippa United 15h30.

EFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Cape Town City FC 20h15 (SS4).

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UTHI ayimqwashisi nakancane iKaizer Chiefs uBenni McCarthy ongumqeqeshi weCape Town City. La makilabhu azogadulisana kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-20h15 eFNB Stadium, eGoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.