Babaleke bavala isikole othisha

Abafundi bebesho ukuqedana ngocelemba

Ilanga - - Izindaba - MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

BABALEKE bavala isikole othisha baseSitheku High School, eBhonkolo, eMthonjaneni (Melmoth), enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluNatal, izolo ngoLwesithathu kuhlasela abafundi bephethe izikha- li beyolwa emagcekeni esikole.

Ngokuthola kweLANGA, indaba isuke ngombango wezintombi, kwagcina sekuyimpi yezigodi. Izolo kuthiwa abafundi bangene esikoleni nocelemba besho ukudlana luhlaza.

Kuthiwa ngoLwesihlanu olwedlule bekunemidlalo kanobhutshuzwayo kanti kuzosuka omunye umfundi, odabuka oBuka, washela intombi yowesilisa odabuka eNdundulu oxoshwe nyakenye kulesi sikole ngoba ewuhlupho.

Lezi zigodi zikuyona le ndawo. Kuvela ukuthi indaba isingenwe nangabantu abangafundi.

Umthombo weLANGA uthi ngoLwesibili kufike abafana baseNdundulu beyohlasela esikoleni, kwahujwana emagcekeni esikole.

“Zilwile izingane kwaba khona uthisha wasoBuka okhuzayo, manje-ke igama selithi othisha besikole bavikela abafundi basoBuka.

“Izolo ngoLwesithathu kufike nabasoBuka bephethe ocelemba esikoleni, kwaba khona abasitshela ukuthi nalaba baseNdundulu kuthiwa basendleleni bathi impi izobambana khona esikoleni,” kusho umthombo.

Uthi sebefisa uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnu Mthandeni Dlungwane, ukuba abize umphakathi akhulume nawo ngalezi zimpi ezenzeka unyaka nonyaka kulesi sikole.

Kuthiwa othisha bathi ngeke babuyele esikoleni uma isimo sisemanzonzo ngoba besaba ukuthi hleze bathelwe ngamachaphazelo.

Ngokuthola kweLANGA, impi yezigodi kayiqali ukuqubuka kulesi sikole ngoba nyakenye kukhona abagcine bengazibhalanga izivivinyo ngenxa yayo.

Imizamo yokuthola isigungu sesikole kayiphumelelanga kanti nothishanhloko ubengalubambi ucingo lwakhe.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Scelo Khuzwayo, uthi sekujwayelekile ukuba kube nezimpi eziqedelwa esikoleni. Uthi bayakugxeka kakhulu lokhu.

“Sinxusa abazali ukuba bayibhekisise le nto. Sicela nabaholi bomdabu ukuba bangenelele basilekelele ngoba sikholwa wukuthi izwi labo liyezwakala emphakathini. Amaphoyisa siyawanxusa nawo ukuba asondele eduze kwezikole ezifana nalesi ngoba le nto ibeka engcupheni impilo yabafundi nekusasa labo,” kusho uMnu Khuzwayo.

ISITHOMBE: YINQOLOBANE YELANGA

UMPHAKATHI waseMelmoth unxusa uNgqongqoshe wezeMfundo, uMnu Mthandeni Dlungwane, ukuba azifikele mathupha esikoleni sezimpi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.