Kuboshelwe inqwaba yosaziwayo emahlayeni

NaboZalo bazobe bekhona

Ilanga - - Izindaba - INTATHELI YELANGA LETHEKU

ZIZOBE zibondiwe kwindumezulu yomcimbi wamahlaya waminyaka yonke obizwa ngeSimphiwe Shembe Comedy Picnic.

Lo mcimbi osekuwunyaka wesithathu wenzeka, uzobe useBotanic Gardens, eThekwini, mhlaka-25 kwephezulu.

Kulindeleke ukuba abazobe bewethamele babuyele emakhaya kubuhlungu izisu yinsini njengoba kuzobe kuboshelwe izinkakha zosomahlaya.

Ohlwini losomahlaya abazobe bekhona nguSkhumba Hlophe, uTall Ass Mo, uSifiso Nene, uFlymotion, uFelix Hlophe, uMpho Pops, uJustice Kubheka, uTips Shampoonizer, uNzuzo Cele, uNdlebe, uChris Mapane, uTK Manjaro noMdura.

Akuwona nje umcimbi wamahlaya kuphela lona kodwa kukhona nabaculi noDJ abazobe benandisa, okubalwa uMondli Ngcobo, uMthunzi, uMsizi Shembe, uDJ Tira, uDJ Happygirl, uDJ Wonder, uThinah Zungu, Soothing Sounds Band noSlot The MC.

Kuzobe kukhona nabalingisi bomdlalo kamabonakude owuchungechunge, okhonjiswa kwiSABC 1, uZalo, uNaymaps noDawn Thandeka King.

Umcimbi uzoqala ngehora le-11 ekuseni kuze kuyovalwa. Amathikithi abiza u-R180 e- Com- puticket, abize u-R200 esangweni. Awezicukuthwane wona abiza u-R400 lilinye kanti kuthiwa akalekile. Ingqikithi yalo mcimbi ithi Hawaian Shirts, kanti amabhodlela awavumelekile.

Iphephandaba ILANGA lingabaxhasi balo mcimbi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.