KUHLEHLE UMDLALO OBUBHEKWE NGABOMVU

Ilanga - - Ezemidlalo - MFANAFUTHI NDLOVU

KUHLEHLE umdlalo obubhekwe ngabomvu weSouth African Football Association (Safa) KwaZuluNatal ABC Motsepe League phakathi kweNatal United noMvoti FC.

ILANGA lithole ukuthi lo mdlalo obekumele ugijinywe izolo ngoLwesithathu eMzisho Stadium, eMsinga, uhlehliswe wukuthi le nkundla ibibhukhwe kabili.

Kuthiwa ibibhukhelwe lo mdlalo kanti nomasipala wakule ndawo ubuyibekisele ukuyisebenzisa. Sekuwumlando ukuthi abebhola bahlale bekhala ngaphansi kwazise izinkundla ziphethwe ngomasipala.

UZakhele “Zakes” Gwala ongumdidiyeli walesi sigaba kulesi sifundazwe, uthi ikomidi lezemiqhudelwano lithathe isinqumo sokuthi lo mdlalo ugijinywe emasontweni amabili ezayo. Uthi womabili amakilabhu azisiwe.

Kuzo ezeMotsepe League, iMilford FC isayinise abadlali aba- bili abanohlonzo u-Andile “Squ” Xaba noSihle “Mzekezeke” Gwamanda abagijima esiswini.

Imiphumela yemidlalo ebiyizolo imi kanje: Wanderers 5, Drakensburg FC 1; Milford FC 1; Pmb City 0; KwaMashu 0, Ashley 1; KwaDukuza United 2, Edendale Juventus 1; Ladysmith 0, Ses Khona 1; Durban FC 1, Dynamos 2.

Isiyonke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League engempelasonto imi kanje:

NGOMGQIBELO

EKing Edward: uMvoti FC vs Durban FC 15h00. EChatsworth: Summerfield Dynamos vs Ladysmith United 15h00.

ES.J. Smith: Ses’Khona FC vs KwaDukuza United 15h00.

EWorkington: GWP Friends vs Milford FC 12h00.

ENorthdale: Pmb City vs Drakensburg FC 15h00. NGESONTO EMzisho: Natal United vs Happy Wanderers 15h00.

EWadley: Edendale Juventus vs KwaMashu All Stars 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.