Ilanga

"ABABULALI" BABANJWE BEYOGEZA ISINYAMA

- SKHOSIPHI MTHEMBU LANGA, skhom@ilanganews.co.za

BABANJWE bebuya ukuyogeza isinyama enyangeni yaseNanda, abasolwa ngokubulal­a umnikazi weBed and Breakfast yase-East London, e-Eastern Cape.

Kusolakala ukuthi abasolwa basuke KwaZulu-Natal balibangis­a e-Eastern Cape ngenhloso yokuyokweb­a iToyota Hilux.

Kuthwa bagile lo mkhuba maqede babuyela eNanda lapho bebanjwe khona emuva kokuba beqede ukuyogeza isinyama enyangeni thizeni yakhona kule ndawo.

Kubikwa ukuthi oyedwa wabasolwa uke wasebenza kule B&B, kanti kusolwa ukuthi nguyena obengungqo­ndongqondo ngesikhath­i kuhlelwa itulo lokweba le moto. Ngokuthola kwe

lesi sigameko senzeke ngoLwesihl­anu kanti imoto kamufi ize yatholakal­a ngoLwesibi­li ipakiwe ndawana thize eNanda, kungaziwa ukuthi ngekabani.

Uthi amaphoyisa ayibhekile le moto kodwa kwatholaka­la ukuthi kayibikiwe njengelahl­ekile.

“Okufike kwadida wukuthi izinombolo zayo bezikhomba ukuthi ingeyase-Eastern Cape. Kube sekuxhunya­nwa namaphoyis­a aseEastern Cape ukuze kuzobhekwa ukuthi ngekabani, yilapho kuvele khona igama nekheli lomnikazi wayo.

“Amaphoyisa aseCambrig­de abe esenikela khona. Kuthe uma efika azithela phezu kwesidumbu sowesifaza­ne sinamanxeb­a okugwazwa emzimbeni,” kusho umthombo.

Uthi amaphoyisa aseNanda ancinzwe indlebe ngabathile, besho ukuthi ngobani abebeshaye­la le moto, okuthe uma kulandelwa umkhondo batholakal­a bephuma enyangeni okuthiwa ibiyobagez­a isinyama njengoba bebulale umuntu.

“Kuyasolaka­la ukuthi emuva kokuba beqede ukwenza lokhu, babuye nayo imoto ngenhloso yokuyoyida­yisa,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uCapt Nkosikho Mzuku, uthe likhona icala lokubulala elivuliwe, amaphoyisa asaphenya.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa