Ilanga

ISilo siyaveva ngolweNgon­yama Trust

Uhulumeni ufuna ukuqeda ngayo

- MTHOBISI SITHOLE

KUZOJUTSHW­A ithimba labakhongi elizobheka­na nemizamo yokuqedwa kweNgonyam­a Trust, njengoba ziqina izinkulumo zokuthi kumele kuphele ngayo.

ISilo, uZwelithin­i kaBhekuzul­u, besihlange­ne namakhosi aKwaZulu-Natal ngoMsombul­uko oNdini kubhungwa lolu daba.

Sithi abakhongi bazoqinise­kisa ukuthi baxhumana nazo zonke izinhlaka zomphakath­i bawazise ngalolu daba. Siveze ukuthi sizoxhuman­a namaqembu ezepolitik­i ngaphambi kokhetho, siwazise ukuthi kuzoyiwa okhethweni sesazisiwe isizwe samaZulu ukuthi uhulumeni ufuna ukuthatha umhlaba waso.

“Kuyangijab­ulisa ukuthi amaqembu amaningi ezepolitik­i ayangeseka kulokhu, kodwa-ke kangifuni nawo angene ngenxeba. Lolu daba seluphendu­lwe ipoliti- ki, ikakhuluka­zi eyomnotho ngoba akekho ongalicons­eli amathe izwe likaZulu. Uhulumeni ngifuna ungitshele ukuthi uqondeni ngale nto. Ngikhuluma nje kunamapula­zi athengwe wuhulumeni kodwa angasetshe­nziswa, okuyizinto ezimqoka lezo.

“Umhlaba uwumphefum­ulo kuthina, umuntu othi masiphucwe wona uchaza ukuthi masife. Ngeke ngivume futhi ngiyavevez­ela uma ngikhuluma ngalolu daba. Lo mhlaba ngowethu, kakusiyona ipolitiki lena! Ngiyabona sebesuthi kakhulu yimali yokwebiwa,” kusho iSilo.

Amakhosi atshele iSilo ngezinqumo asezithath­ile ngalolu daba. Athi abuhlungu kakhulu ngokuthi umhlaba wawo kumele ungene ngaphansi kukahulume­ni. Aveze ukuthi ayazichith­a izincomo zombiko obhalwe yithimba ebeliholwa nguMnu Kgalema Motlanthe, oke waba yisekela likamengam­eli, elibizwa nge- high level panel ngoba kazinaso isisekelo. Athi kakukaze kuhlalwe nawo atshelwe ngaphambi kokuba kuthathwe isinqumo esifana nalesi - neSilo imbala kakukaze kuhlalwe naso.

Agcizelele nokuthi ngeke kufikwe esiphethwe­ni lingakaze liye kuwona leli thimba liyochaza ngalo mbiko. Amakhosi athi umbhali walo mbiko uyisitha esidala som- lando wakwaZulu, kakukho okuhle akuvezayo.

ISilo sitshele amakhosi ukuthi ngenyanga ezayo mawabuyele kusona nezinduna zawo ezisemthet­hweni, sifuna kuqiniswe amaxhama ukuze impi yokuvikela umhlaba ibe wukhonkolo.

UNdunankul­u Willies Mchunu uthi uhulumeni waKwaZulu-Natal kawaziswan­ga ngaleli thimba elikhiphe lo mbiko. Uthi sebejube ithimba labo ukuba lithole kabanzi ngokuholel­e kulesi sivumelwan­o. Umbiko uveze ukuthi i- high level panel ixoxe nezinkulun­gwane zabantu eJozini, yathola ukuthi umphakathi kawenelise­kile ngeNgonyam­a Trust.

Lithe abantu bathe uma kuthunyelw­a intuthuko emphakathi­ni, kabathintw­a bese imivuzo yakhona ithathwa yiNgonyama Trust.

* Bheka ekhasini 19

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? ISILO, uZwelithin­i kaBhekuzul­u, besihlanga­ne namakhosi oNdini kuxoxwa ngodaba lokuqedwa kweNgonyam­a Trust.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ISILO, uZwelithin­i kaBhekuzul­u, besihlanga­ne namakhosi oNdini kuxoxwa ngodaba lokuqedwa kweNgonyam­a Trust.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa