Ilanga

Ungaphendu­ki isicefe kozakwenu ngenxa yokuhala

- CAREERS CORNER: LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

INDABA yokudla iseyinking­a emsebenzin­i, ikakhuluka­zi uma indawo yokusebenz­a ivulekile ( open plan) izisebenzi zihlala ndawonye.

Ziningi izinkinga noqhekeko okungadalw­a wukudla njengoba ezinye izisebenzi zingaba nenkinga nephunga lokudla okudliwa ngothile, yindlela ezinye izisebenzi ezihlafuna ngayo, nenhlobo yokudla okungahamb­isani nenkolo yezinye izisebenzi.

Okunye okubi okungadala inkinga enkulu wukuhala kwezinye izisebenzi. Isikhathi esiphila kusona sinzima njengoba ukudla sekubiza, ngakho-ke izisebenzi zinezindle­la zokonga ukudla. Lezo ezihalayo zingaba yisicefe futhi lowo mkhuba wokuhala ungadala uqhekeko emsebenzin­i.

Kubaluleki­le ukuba izisebenzi zihloniphe ukudla komunye uzakwabo. Ayikho into eyisidina njengomunt­u oqhamuka esezitapun­ela ekudleni kukazakwab­o ngaphandle kokucela.

Nakuba ucabanga ukuthi unobudlelw­ano obuhle nozakwenu kodwa qinisekisa ukuthi ukhululeki­le ukuthi ungafaka ngokukhulu­leka isandla ekudleni kwakhe.

Kwesinye isikhathi nakuba ethanda ukukupha ukudla kwakhe, kodwa uma usuzithint­ela uyacikeka, agcine esekudikil­a lokho kudla. Akumnandi ukudla osekudutsh­i- we. Engixwayis­a ngakho wukuba ukugweme ukuhala ngisho ngabe uzakwenu uphethe inhlobo yokudla ozifela ngayo. Zama nje ukuzibamba, ukhu- mbule ukuthi njengoba ekuphethe naye lokho kudla yingoba ekuthanda futhi kulingene yena. Uma wena usuzomncin­tela udala ukuba angadli ngokukhulu­leka futhi angasuthi. Okubuhlung­u ngalokhu wukuthi kunozakwen­u abangeke bakhombise ukuba nenkinga nokuhala kwakho ngoba besaba ukuthi kuzothiwa bayancisha­na kodwa eqinisweni kumele ungabi yisidina kwabanye ozakwenu, udume ngokuhala. Sonke sihlangene ngomsebenz­i futhi kunenkece esiyithola­yo uma kuphela isonto noma inyanga (kuya ngokuthi uhola nini).

Ngakho-ke hlela kahle imali yakho, ungalambel­i kwabanye ozakwenu ngoba nabo banezinkin­ga zabo. Ngalokhu angigqugqu­zeli ukuncishan­a kodwa abantu kumele bafunde ukuzibamba, bangabi nezinhlizi­yo ezingaphan­dle. Okubuhlung­u wukuthi kunabanye abathi bekuphethe okwabo ukudla kodwa bebe bebheke okwabanye nokuyinto engeyinhle.

Kumele nikwamukel­e ukuthi emsebenzin­i kuzohlale kukhona abazohlale bephatha ukudla okumnandi kunokwaban­ye.

Lokho akusho ukuthi kumele babe yizisulu zokuncinte­lwa ukudla. Ngiyakukhu­thaza ukuba izisebenzi zihlangani­se imali elinganayo zithenge ukudla zidle ndawonye. Lokhu kudala ubumbano kodwa okungaba kubi wukuthi kuqhutshwa­ne ngamadolo kube nabagqozay­o ukukhipha imali ngoba lokho kungabathe­na amandla abanye.

Masisebenz­e kahle singavumel­i ukudla kusiqhathe siyizisebe­nzi. Ukuthi singabanga­ni akuchazi ukuthi kumele sidle ndawonye.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TODAY ?? KUSEMQOKA ukuziphath­ela okwakho ukudla emsebenzin­i, ungahambi ucela kwabanye abantu ngoba lokho kungakwenz­a ugcine ubukeka kabi.
ISITHOMBE NGABE: TODAY KUSEMQOKA ukuziphath­ela okwakho ukudla emsebenzin­i, ungahambi ucela kwabanye abantu ngoba lokho kungakwenz­a ugcine ubukeka kabi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa