Ilanga

IReal Kings isayinisa umgadli waseZimbab­we

Uzakhele udumo egijima kwiChiefs

- MFANAFUTHI NDLOVU

IREAL Kings isayinisa umgadli waseZimbab­we ozakhele udumo egijima kwiKaizer Chiefs emizamweni yokuqinise­kisa ukuthi inyukela kwi-Absa Premiershi­p ngesizini ezayo.

IKings ihlezi endaweni yesibili kwi-log yeNational First Division (NFD) okuyibeka ethubeni elihle lokugijima imidlalo yokuhlunge­la ukunyukela esigabeni esikhulu. ILANGA lithole ukuthi ihlola uMichelle Katsvairo odabuka eZimbabwe ngenhloso yokumsayin­isa ukuvala isikhala esivuleke kushiya uMondli Miya ojoyine iPolokwane City.

IKings izovovana inkani neRoyal Eagles koweNFD ngoMgqibel­o ngo-15h30 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

UKatsvairo ufike izolo ngoLwesith­athu kuleli ukuzoqala amalungise­lelo okujima nale kilabhu.

UPhilani Majola oyisikhulu esiphezulu kwiKings, utshele ILANGA ukuthi basazomhlo­la kahle kubalwa nesimo sakhe sempilo. Uqhube ngokunxenx­a abalandeli ukufika ngobuningi babo kulo mdlalo ukumboza izitha.

“Umdlalo womkhaya unzima kakhulu. Kuzomele sisebenze kakhulu kulo mdlalo. Ngiyazi ukuthi ne-Eagles ilwela ukufa nokuphila kodwa nathi sizimisele kakhulu ukufeza iphupho lekilabhu,” kusho uMajola.

Kulo mdlalo iKings ibheke ukuba uNkosingip­hile “Mapo” Phewa aqhubeke nokushaya amagoli amqoka kwazise ulobizela ukumuka nesicoco somshayima­goli ovelele kwiNFD.

URoger Sikhakhane ocija i-Eagles utshele ILANGA ukuthi umdlalo wabo neKings uzokuba nzima kakhulu.

Uthi ufuna ukuthola amaphuzu akhe okuqala agcwele kulo mdlalo womkhaya.

Uthi amaphuzu agcwele azobasiza ukuxaxama endaweni embi abakuyona njengoba i-Eagles ibalwa namakilabh­u avika izembe.

Isiyonke imidlalo yeNFD eqala kusasa ngoLwesihl­anu imi kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU EParow Park: Cape Town All Stars vs Super Eagles 15h30. NGOMGQIBEL­O EPuma: Witbank Spurs vs Richards Bay 15h30.

ESugar Ray Xulu: Real Kings vs Royal Eagles 15h30.

EMthatha: Mthatha Bucks vs Black Leopards 15h30.

EThohoyand­ou: Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila vs Mbombela United 15h30. NGESONTO EVosloorus: Jomo Cosmos vs Stellenbos­ch FC 15h30.

EMakhulong: Highlands Park vs UThongathi FC 15h30.

E-Athlone: Ubuntu Cape Town vs Pretoria University FC 15h30.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa