Ilanga

AMASU ANGAKUSIZA UKUBHEKANA NEZIKWELET­U

- Editor@ilanganews.co.za

ABANTU abaningi bacwile ezikweleti­ni, abanye baze babaleke uma kufika isikhonzi senkantolo siyodla impahla ukukhava isikweletu.

Abanye kunezingci­ngo abangasazi­bambi ngoba bebalekela zona belu izikweletu. Wena okweletayo, uyabona uma sekuqala ukuba ngaphezu kwamandla akho, ngakhoke yiba nendlela yokuzama ukunqanda ukuba ungagcini usubalekel­a izikweletu.

Nanka amathiphu ambalwa angakusiza ukuba ubambe ucingo lwakho ngaphandle kwenkinga yokwesaba izikweletu:

Zinike isikhathi ucabange. Bheka izinga lempilo yakho yansuku zonke. Hlunga izinto ozikhokhel­ayo, obonayo ukuthi ungayeka ukuziseben­zisa okwesikhas­hana uze uqede ukukhokhel­a izikweletu zakho noma nje uyeke unomphelo ukuziseben­zisa.

Yehlisa izindleko zakho zonyaka, ake uthi ukukhohlwa nje ngamaholid­i unyaka ube munye. Uma wehluleka yilokho, bheka ezinye izi-ndlela njengokuba uzivocavoc­e ekhaya kunokuya lapho kukhokhwa khona uma ujima.

Bheka isimo esimayelan­a nebhajethi yakho.

Ukuba nesu lebhajethi kuzokusiza ugweme izikweletu. Yenza uhlu lwezinto ozikhokhel­ayo. Inyanga nenyanga makube nemali oyongayo, uyigcine esikoqokoq­weni sakho, ukuqapha ingozi uma kukhona okukwehlel­ayo nje-ngokugula nje.

Yiba nezifiso ezithile, uqiniseke ukuthi uyazifeza. Yenza uhlu lwazo zonke izinto ezibalulek­ile kuwena, zigcine emqondweni ngesikhath­i uzama ukwehlisa izikweletu.

Ngabe uhlela ukonga imali ukuze uthenge indlu noma ufisa ukuthatha uhambo olubalulek­ile? Cabanga ngalezo zinto ngaphambi kokuba usebenzise inkece budlabha. Lokho kuzokwenza ube nelukuluku lokuthola lezi zinto ozifunayo - bese uyeka ukuchitha imali ezintweni ezingenasi­dingo.

OKUNYE

khadi owasebenzi­sayo, lapho ogcina usukhokha inzalo engaphezu kwamandla. Bheka ama- credit card akho, ubheke inzalo oyikhokhay­o. Uma kwesinda, shayela abanikazi bekhadi lelo ubuze ukuthi bangakuvum­ela yini ukuba ukhokhe emuva kwesikhath­i - uma usaxakanis­ekile ngenxa yezinye izikweletu.

nza wukushiya i-credit card yakho ekhaya - ukugwema ukulingeka ukuyiseben­zisa ngisho isidingo singekho.

yinkampani ye-credit card, isibonelo:- uma ikhadi lakho likuvumela ukuba usebenzise u-R10 000, ungalehlis­a libe wu-R5 000.

ngoba nakhu ubone into wayitha- nda. Hamba uyidlele amathambo engqondo, ubuye ngakusasa ubone ukuthi usafisa yini ukuyitheng­a.

letu.

letayo futhi sekusele imali engakanani ukuba uqede ukukhokha. zakho, zijabulise ngoba wenze into enhle kakhulu.

Ungakhohlw­a ukuthi kubaluleki­le ukonga imali.

OKUBALULEK­ILE UKUBA UKUKHUMBUL­E

Into okufanele ihlale isemqondwe­ni wakho, wukuthi kumele wazi ukuthi imali yakho uyisebenzi­sa kuphi futhi wenzani ngayo. Uyacabanga nje ukuthi ungaphila kahle kanjani uma ungasenazo izikweletu? Umthombo ngabe: Londonlove­sbusiness.com

 ?? ISITHOMBE NGABE: BENKRUPTCY ATTORNEY ?? BHEKA indaba yamakhadi owasebenzi­sayo okungenye yezinto ezingakusi­za wehlise izikweletu onazo.
ISITHOMBE NGABE: BENKRUPTCY ATTORNEY BHEKA indaba yamakhadi owasebenzi­sayo okungenye yezinto ezingakusi­za wehlise izikweletu onazo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa