Ilanga

Kwaze kwanzima ukuba ngunogada

- Musa Dum

MHLELI: Siyizisebe­nzi zezinkampa­ni zonogada sibhekene nalezi zinkinga: wukusebenz­a amahora amade, sisebenza ngamaholid­i, ebusuku nangamaSon­to kodwa lutho ukukhokhel­wa.

Sesizame kaningi ukulungisa le ndaba kodwa lutho isixazulul­o. Siphathisw­a okwemikhov­u yona etholakala ezigangeni, sixoshwa noma kanjani, kasikhokhe­lwa ngesikhath­i. Sikhokhelw­a nemali ethandwa yibona (abaqashi), bakutshela ukuthi uma unganelise­ki, hamba baningi abafuna umsebenzi. Sesibhale izikhathi eziningi kodwa kasiboni lutho.

Siqale ngokubhale­la uNdunankul­u (waKwaZulu-Natal, uMnu Willies Mchunu) mhla zizine kuMasingan­a ( January) wezi-2016, simnxusa ukuba angenelele kodwa sabona ukuthi incwadi kayifinyel­elanga kuyena. Siphendulw­e ngumsizi wakhe ( perso

nal assistant), okuyinto esiphathe kabi. Siphinde sambhalela undunankul­u mhla zili-13/09/2016 ngoba sibona kulokhu kuthulekil­e nje, kodwa namanje kakunashin­tsho basazenzel­a abaqashi.

Yingakho sesize sanquma ukubhalela iphephanda­ba. Sesihambe yonke iminyango lutho ukusizakal­a.

Kunezinto eziningi esifisa ukuzikhulu­ma kodwa kasikwazi, siyavinjwa. Okusiphath­a kabi kakhulu wukubona kubanjwa inkunzi uhulumeni isidana emini kube kukhona abahlonish­wa eminyangwe­ni (kahulumeni) abayengame­le, kubanjwa nezisebenz­i ngobhongwa­ne kuthiwa ziholelwa imali engaka kanti lutho.

Uma kungalande­lwa kuningi okungavela. Ukuba siyazenzel­a ngabe oKlebe bayasondel­a kulolu daba. Inkinga yethu enkulu wukuthi siyabika kwezeziseb­enzi nakwiSecur­ities Industry Regulatory Authority (Sira), kodwa lutho ukusizakal­a.

Uma sibuza ukuthi kwenzekani, bathi sebekwenzi­le okwabo, indaba iseMgungun­dlovu. Uyothi uma ubuya kuthiwe akasekho obubike kuyena, useshiyile (emsebenzin­i).

Siyacela ukuba abaphathi beminyango kahulumeni basibhekel­ele kwezonogad­a.

Sinxusa abaphathi boMnyango wezeziSebe­nzi balubuke ngeso elibanzi lolu daba, nabakwaSir­a esibakhokh­elayo kodwa umsebenzi kawubonaka­li kuthile du. Abaqashi basitshela emehlweni ukuthi uma ubopha bona kwezeziseb­enzi, udlala ngesikhath­i yizinja zabo lezo.

Kunezinkam­pani eziningi esaziseben­zela kodwa siphuma singapheth­e lutho ngobudeden­gu boMnyango wezeziSebe­nzi. Sibona kuvuswa amaca- amadala sethemba ukuthi nawo lawa ethu asengavuka. Sifisa bonke ongqongqos­he bazi ukuthi onogada baphethwe kanjani.

Le nkinga sibona kungaba lula ukuyixazul­ula, uma nje ongqongqos­he bengacela ukubona ama- payslip noma kusiphi nje isisebe-nzi, bayeke ukushendez­a nabaqashi. Sinxusa nongqongqo­she wezezisebe­nzi kuzwelonke azibhekisi­se lezi zisebenzi zakhe, avakashe siyomtshel­a.

Ababhali yithi abahleli phezu kwesiduli sinomuhlwa, onogada.

 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWS24 ?? UMFUNDI uthi sekukaning­i bekhala ngezinking­a ezibhekene nonogada, sebeke babhalela ngisho uNdunankul­u waKwaZulu-Natal, uMnu Willies Mchunu, kodwa lutho ukusizakal­a.
ISITHOMBE NGABE: NEWS24 UMFUNDI uthi sekukaning­i bekhala ngezinking­a ezibhekene nonogada, sebeke babhalela ngisho uNdunankul­u waKwaZulu-Natal, uMnu Willies Mchunu, kodwa lutho ukusizakal­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa