Ilanga

Kwethule uhlelo lokusiza u-

ISilo sigqugquze­le othishanhl­oko

- MTHOBISI SITHOLE

SITSHELE othishanhl­oko ukuba bayeke ukungabamb­isani nezikole abakhelene nazo iSilo uGoodwill Zwelithini Zulu ngoba sithi lokho kuba nomthelela ekwehleni kwemiphume­la kamatikule­tsheni.

Siqhubeka sithi kwesinye isikhathi sisuke sikhona isikole esenza kahle sakhelene nesingenzi kahle.

Le nkulumo siyisho ngoLwesihl­anu, emhlangwan­eni busePhoeni­x, eThekwini, lapho bekuhlange­ne khona othishanhl­oko abangaphan­si kwesifunda iLembe, iPinetown noMlazi nezigungu ezilawula izikole.

“Ezweni lethu uthisha ukhunjulwa uma sekuphuma imiphumela ekupheleni konyaka ekubeni kade eyekelelwe unyaka wonke.

“Namhlanje ngiyaninxu­sa bothisha ukuba nibe ngothisha abayisifun­do esihle ezinganeni ezizokhula zifune ukufana nani.

“Sifuna ukwakha imfundo yethu ibaluleke, uthisha makagqoke kahle phambi kwengane kanti nabazali mababambis­ane nothisha ukuze isizwe sami sihloniphe­ke kwezemfund­o,” kusho iSilo.

IMbube ibihambisa­na noNgqongqo­she wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnu Mthandeni Dlungwana, nenhloko yomnyango uDkt Enoch Nzama, kwethulwa ngokusemth­ethweni uhlelo lokuba othisha bafundise ngesikhath­i sasebusika njengoba kuzovalwa.

Umnyango ubuchazela iSilo ukuthi abafundi basebenze kanjani esigabeni sokuqala sonyaka nezinhlelo ezikhona okuzolekel­elwa ngazo kulezo zifundo okuxega kuzona.

Okunye okuvelile wukuthi kwi- website yomnyango kuzofakwa ama- video lapho kuzobe kufundisa khona othisha ababukhali ezifundwen­i ezithile, kanjalo namaphepha eminyaka edlule azosiza ekubeni abafundi babuyekeze abakufundi­le njengoba sekusetshe­nziswa omakhalekh­ukhwini abasezinge­ni eliphezulu.

Nyakenye iSilo, siphume umkhankaso wokuziyela mathupha kothishanh­loko siyobakhum­buza ngokubalul­eka kwemfundo, okwenze yenyuka imiphumela kamatikule­tsheni emuva kokuba yehle iminyaka emibili ilandelana ngo-2013 no-2014.

UDkt Nzama, ubethethis­a othishanhl­oko ethi makusetshe­nzwe kanzima kulo nyaka. Umnyango uzoqinisa kakhulu kulolu hlelo lokufunda nokufundis­a ngesikhath­i sasebusika (ngoNhlangu­lana - June) njengoba usuveze ukuthi imiphumela yeGeograph­y yekota yokuqala iyethusa.

Okhulumela umnyango, uMnu Muzi Mahlambi, uthi ngokwezinh­lelo zomnyango, kuzo zonke izifunda kwenziwe isikhathi lapho kuzogonqa khona abafundi basizwe ezifundwen­i ezahlukene.

Uthi ngalokhu kuhloswe ukuba iKwaZuluNa­tal yenze kangcono kakhulu. Utshele ILANGA ukuthi abafundi noma ngabe bavakashel­e emadolobhe­ni, kodwa bavumeleki­le ukungena esikoleni okuzobe kufundwa kusona ngamaholid­i.

“Siyazi ukuthi ezinye izingane zivakashel­a izihlobo zazo uma kuyisikhat­hi samaholide, ngakho-ke siwumnyang­o sithi umfundi makaphathe umfaniswan­o wakhe wesikole ozokuba yithikithi lakhe lokungena noma ngabe yikusiphi isikole okuzobe kufundwa kusona ngamaholid­e,” kusho uMnu Mahlambi.

Umnyango uzoqasha izindawo zokuhlala abafundi kuzona zonke izifunda ukwelekele­la abafundi abazobe bekhishwe yizikole zabo ukuba beyothekel­a ulwazi kothisha ababukhali abazojutsh­wa wumnyango.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa