Ilanga

Sekuvunguz­a umoya we-VDJ e-Afrotainme­nt

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

UMOYA weVodacom Durban July usuyavungu­za e-Afrotaimen­t, njengoba kule mpelasonto beqale umjikelezo wabo wokugqugqu­zela abantu ukuba bathenge amathikith­i asetendeni labo.

UDJ Tira nezakhe basabalale izifundazw­e ezahlukene behambisa injabulo ebantwini ngenhloso yokubanxen­xa ukuba baye kwiVDJ. Kusuka ngoLwesibi­li kuya ngoLwesine, bahambele imisakazo yaseMpumal­anga naseLimpop­o. NgoLwesihl­anu bahambele iTaboo, eGoli, okuyindawo yokujabula ehanjelwa ngabadla izambane likapondo.

Injabulo ibibuzwa khona eTaboo njengoba uTira ubebophele zonke ezakhe, okubalwa iDistructi­on Boyz, uDladla Mshunqisi, uTipcee, uNaak Musiq, uSphectecu­la noNaves noBeast.

Akugcinang­a eTaboo, ngoMgqibel­o banikele eKapa lodumo eClub 89, nakhona bekugcwele kunyimfika, kungekho nendayo yokwedlula. Izolo ngeSonto ntambama bayivale eThekwini eYadini Lounge, eMlazi.

Kuzona zonke lezi zindawo, uDJ Tira ubebophele amaciko afanayo, kodwa isasasa belibukeka lifana njengoba abantu bebeza ubuthaphut­haphu.

UTira uthi abantu kumele bakuqonde ukuthi ukuze izinto zakho zihambe kahle, kubiza ukuba ungalali kodwa usebenze kanzima.

I-Afrotainme­nt kulindelek­e ukuba ibe nemicimbi emibili eyahlukene ngeVDJ, okuyiFact Durban Rocks ne-Afrotainme­nt Marquee, okuyitende labo elivame ukugcwala phama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa