Ilanga

Abalandeli bacishe banyomfa iComrades

UMthembu uvinjwe yisithuthu­thu emzileni

- PHILANI NCALANE

UKUNGAKHUZ­EKI kwabathand­i beComrades Marathon kucishe kwaphazami­sa izinhlelo zikaBongum­usa Mthembu ovikele lesi sicoco izolo ngeSonto kusukwa eMgungundl­ovu kubhekwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Emzileni walo mjaho abantu bebengalaw­uleki njengoba abanye bebefuna ukumbamba ngezandla uMthembu okuyinto engavumele­kile, futhi ecishe yamuphazam­isa. Kukhona lapho eke wavinjwa khona yisithuthu­thu ebesithwel­e umthwebuli. Ukungakhuz­eki kwabantu kucishe kwabeka nempilo yabo engozini yokushayis­wa yizimoto nezithuthu­thu emzileni.

Okubi kakhulu wukuthi kulaba bantu kusuke kukhona nezingane ezincane.

Abadidiyel­i beComrades Marathon, babukeka bethwala kanzima ukulawula isimo emzileni njengo- ba kuhlale kwenzeka izinto ezingabeka impilo yabasubath­i nomphakath­i engcupheni yokulimala.

Ngaphandle kwalokhu, umphakathi ubuphume ngezinkani njengenjwa­yelo ujabulela umjaho, futhi ukhuthaza abasubathi.

Nokho-ke abezindaba bavamise ukusebenza kanzima emzileni njengoba labo abajutshwe ukusebenzi­sana nabo befuna kuhanjwe ibanga elide abasubathi bengabonwa nangokhalo.

Kwesinye isikhathi bafuna kwenzeke intando yabo engahambis­ani nendlela abezindaba abasuke befuna ukusebenza ngayo.

Sebebonke abagijimi besilisa abangene kwi-top 10 ngokulande­lana bami kanje: 1.Bongumusa Mthembu, 2.Joseph Mphuthi, 3. Steven Way, 4.Edward Mothibi, 5.Marko Mambo, 6.Gordon Lesetedi, 7.Tebogo Sello, 8.David Gatebe, 9.Gift Kelehe 10. Nkosinathi Duma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa