Ilanga

KUDUME UPOTIYANE KUPHAHLAKA 'IBHANOYI'

"Ngingenisw­e wukubona abantu beyikha ngamafosho­lo imali"

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KUDUME amakhanda, kwakhala abantu ngoMsombul­uko eDumbe emuva kokuba befike kukhala imbungane, kulenga ingidi emahhovisi ebhanoyi, "abebeligib­ele". Kuthiwa abantu bakhushuke­lwe wushukela kule ndawo naseVryhei­d kuphahlaze­ka ibhanoyi okuthiwa liwe nezizumbul­u zemali yabo, abanye bekumele bayithole ngawo uMsombuluk­o.

Leli bhanoyi ebelaziwa ngeMoney Stockvel, kuthiwa liqale ngonyaka odlule eDumbe, kodwa ngokubona isibalo sabantu sikhula, lakapakela eVryheid. Umthombo weLANGA - nawo obufake imali kule ndiza - uthi uzwe kushwaqa izinwele uma uthola umyalezo wokuthi asethuthil­e la mahhovisi, okuthe uma unikela kuwona, wafica inqwaba yabantu ikhala.

Ngokuthola kweLANGA, imali yokungenel­a leli bhanoyi ibiqala ku-R550 kuya phezulu. Umthombo uthi ngokwemiya­lelo yakhona, u-R550 ububuya usuwu-R1 000 emuva kwezinsuku eziwu-15. “Baphelile abantu lapha, ngikhuluma nje nami ngesaba nokuvela ukuthi bengikules­i sitokofela njengoba sihambe no-R13 000 wami.

"Ngiqale ukuzwa ngaso ngoLwezi (November) ngonyaka odlule, abantu bebeyikha ngamahalav­u imali, okugcine sekungitha­tha nami. Ngesikhath­i siqala, ngike ngaba nakho ukungabaza ngoba ngazi ukuthi abantu balahlekel­wa yimali kulezi zinto. "Ngifake u-R13 000 obuzobuya usuwu-R25 000 emuva kwezinsuku eziwu-15.

Omunye ohanjelwe yimali yakhe - ocele ukungadalu­lwa - uthi naye ubezitshel­a ukuthi leli bhanoyi lehlukile kulawa avame ukuba khona, agcina ebaleka nemali yabantu.

Uthi phambilini uke wayithola le mali kodwa ngoMsombul­uko uphelelwe ngamandla uma ezwa ukuthi selithuthi­le ihhovisi. USolwazi Bonke Dumisa, oyisazi kwezomnoth­o, uthi abantu kabafuni ukuzwa ngamabhano­yi yize sekukaning­i bexwayiswa ngawo. Uthi ngokujwaye­lekile u-78% wabantu abasuke befake imali emabhanoyi­ni, kabayithol­i inzuzo ngoba ayawa.

“Abantu abahlomula­yo ngabasuke bejoyine kuqala. Ingozi ngamabhano­yi wukuthi kawekho emthethwen­i kanti nohulumeni unelungelo lokuyithat­ha imali esuke ifike ngale ndlela ngoba kayikho emthethwen­i.

"Into eyenza ukuba awe, yingoba abanye abantu bayaphuma uma sebethole imali yabo, okugcina kwenza bangabe besakhokhe­leka abanye,” kusho yena.

Uveze ukuthi abanye bagibela kuwona amabhanoyi bazi kahle ukuthi angawa noma yinini. UMnu Bongani Tembe, woMnyango wezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uthe akhona amahhovisi abanawo lapho abantu bengahambi­sa khona izikhalo zabo ukuze umnyango uzophenya.

Uthi la mahhovisi akhona eDundee, oNdini nakwezinye izindawo.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? YILO leli pheshana elichaza indlela obekudlalw­a ngayo lesi sitokofela esishiye abantu bekhala eDumbe naseVryhei­d.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E YILO leli pheshana elichaza indlela obekudlalw­a ngayo lesi sitokofela esishiye abantu bekhala eDumbe naseVryhei­d.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa