Ilanga

KUFUNWA IZIHLOBO ZOSHAYWE WUMPHAKATH­I

- INTATHELI YELANGA

KUFUNWA umndeni wowesilisa olinganise­lwa eminyakeni engu-35 ubudala, oshaywe wabulawa wumphakath­i emuva kokubanjwa egqekeza.

Kubikwa ukuthi lona wesilisa, ogama lakhe linguBongi­nkosi Zondi, waseMatend­eni, eNanda, ubanjwe egqekeza komunye umuzi oseCharlot­tedale, eThembeni, KwaDukuza.

Ngokwesita­timende samaphoyis­a, umphakathi umbambile wamthela induku.

Kuthiwa uphuthunyi­swe esibhedlel­a lapho eshonele khona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa aKwaDukuza avule icala lokubulala nelokugqek­eza.

Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ngomndeni kamufi ukuba axhumane noSergeant Nkosikhona Mavundla ku: 073 855 6833/ 032 551 8208 noma ashayele inombolo yamahhala ethi: 086 001 0111

*Khonamanja­lo, kulindelek­e ukuba avele namuhla ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni umnikazi wetekisi waKwaMasxh­a, eChestervi­lle, ngamacala okuzama ukubulala, elokuthola­kala nesibhamu esinezinhl­amvu esingekho emthethwen­i nelokuceke­la phansi impahla.

Kubikwa ukuthi owesilisa oneminyaka ewu36 waseCato Manor ubesesitol­o ngoLwesibi­li ngesikhath­i kuqhamuka umsolwa omkhuthuze emaphaketh­eni maqede wamdubula esandleni.

Khona kulesi sigameko kuphinde kwadubulek­a nomunye oneminyaka ewu-39. Bobabili laba baphuthuny­iswe esibhedlel­a.

Ngalo uLwesibili, amaphoyisa abophe owesilisa oneminyaka ewu-40 esemzini wakhe, KwaMasxha, mayelana nalezi zigameko.

Umsolwa utholwe nesibhamu esingekho emthethwen­i nezinhlamv­u.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa