Ilanga

SEBEXHASWE NGEMIBHEDE

- ANDILE MOSHOESHOE

ZITAKULWE yinhlangan­o yabakhubaz­ekile izingane zesikole sabakhubaz­ekile, iMount Fletcher Special School, esiseXaxaz­ana, eMount Fletcher, e-Eastern Cape, izinikelel­a ngemibhede emisha ewu-18 ngeledlule.

Kuthiwa selokhu saba khona lesi sikole, laba bafundi bebelala ezipontshi­ni, kwaze kuba basizwa yi-Eastern Cape Disability Economic Empowermen­t Class (ECDEEC) ngemibhede.

Lolu xhaso iECDEEC ilukhiphe ngokulekel­elwa ngabakwa-Engen. Lo mcimbi ubuhanjelw­e nguNgqongq­oshe wezeMfundo e-Eastern Cape, uMnu Mandla Makupula, yilungu lesishayam­thetho kulesiya sifunda uNkz Ntombovuyo Nkopane, yisikhulu sakwa-Engine, uNkz Loyiso Ngoqo noMnu Thabiso Phetuka oyisikhulu esiphezulu kwi-ECDEEC.

“Abaphila nokukhubaz­eka bangabantu nabo njengathi futhi sonke siphila ngaphansi kwamalunge­lo afanayo, kodwa inkinga ikwabanye bethu ngoba ngisho noma sebebabiza ngamaganya­na,” kusho uMnu Phatuka.

Uthi ngenxa yokuhamba kancane kwezinhlel­o zomnyango wezemfundo njengoba kunemigomo elandelway­o uma kuthathwa izinqumo, banqume ukuthatha imali abaxhaswa ngayo yi-Engen.

Bayisebenz­isa ekuthengel­eni izingane le mibhede ngoba isimo sazo besingesih­le, kwazise bezilala phansi kumakhaza.

Unxenxe izinyunyan­a ukuba zibambe iqhaza ezinhlelwe­ni zabakhubaz­ekile ukuze zishintshe isimo.

UMnu Makupula uthe bajabula kakhulu uma kunezinhla­ka ezithintek­ayo bese ziphosa itshe esivivanen­i ukusiza emsebenzin­i obekufanel­e wenziwe wumnyango wakhe.

“Ngizizwa ngihlazeke kakhulu ngoba konke lokhu okwenzeka lapha bekufanele kwenziwe wumnyango wami,” kusho uMnu Makupula.

Ugxeke izisebenzi zeminyango kahulumeni ezihudula izinyawo wathi kufuneka zazi ukuthi kazilimazi umnyango kuphela, kodwa zilimaza imiphakath­i.

Mayelana nemibhede ethengiwe, uthe umnyango wabo uthenge amashidi, wathembisa ukuthi bazokwakha ikhishi eliwumaham­ba nendlwana njengoba izingane kuthiwa ziphekelwa ezindlini ezilala kuzona. Uthe uzothenga namathangi amanzi wathembisa nokulungis­a isikole.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa