Ilanga

Utshwala bungakugij­imisa iComrades Marathon ungazelele

SIGUDLA NOGALAKAJA­NE: ABDUL MILAZI

-

KULO nyaka bengithi ngizogijim­a lo mjaho obizwa ngeComrade­s, nami ngiyoqulek­a nabaquleka­yo phambi kukazwelon­ke kumabonaku­de. Phela baningi abantu abaya kulo mjaho ukuyoqulek­a nje kuphela ukuze bezophuma kumabonaku­de.

Umuntu uthi engakaze nje nangolulod­wa usuku agijime ngisho ukuya ezitolo, kodwa acabange ukuthi angagijima ukusuka eMgungundl­ovu aze ayofika eThekwini.

Kangazi basuke bebheme nhloboni kagwayi. Phela lo mjaho kawubhenyw­a ungeyona intshokova­ne. Nami ngangizidl­ele mhla ngithatha lesi sinqumo sokuwungen­ela kulo nyaka.

Ngazibona sengipheth­e imbali - lena abayinika abanqobi - ngiyibambe ngamazinyo, izandla zisemoyeni nginanela ihlombe lezihlwele enkundleni iMoses Mabhida.

Ngibabona nje futhi nabangani bami bengilinde ngobandayo ubhiya ukuze ngehlise izithukuth­uku. Izintathel­i zamaphepha­ndaba nezomabona­kude zithatha izithombe zingaqedi, phela ngoba ngalolo suku nje olulodwa bengiyobe sengiphend­uke isilomo somsubathi.

Yimi loya sengiyobha­lisa phela ngimafuluf­ulu ngilandela iphupho lami. Lelo phupho lashabalal­a ngokuphazi­ma kweso uma bengitshel­a ukuthi kumele ngiqale ngokugijim­a lemijaho okuthiwa yiTwo Oceans neSoweto Marathon, futhi ngiqede ngesikhath­i esinqunyiw­e.

Ngathi uma ngibatshel­a ukuthi mina kanginanda­ba nalena eminye imijaho, ngifuna yona iComrades lena, bathi cha ilanga lingawa licoshwe yizinkukhu.

Ngikhumbul­a lo mjaho kudalo, eziningi izinsizwa engakhula nazo ebezingama­lungu e-IFP, zazingafun­i nokuwubona zithi zona kaziwona ama- comrade, futhi kaziwafuni nalapho ehambe khona amaqabane.

Zazithi lo mjaho ngokaKhong­olose, i-ANC phela, ngakho ngeke zona zigijime nama- comrade, kuyoqhuma nhlamvana ezinye ziyofekela. Ngaleyo minyaka wawuke uzibone nje nezidudla nezinsizwa ezisho ngontabaka­yikhonjwa yemikhaba, bonke bekhwishiz­ela beya phambili. Njengoba umkha- ba ngingakawu­tholi lapho uthengwa khona, bebekhona phela nami ebengizoba­shiya ngemuva.

Uma ngibona ukuthi cha sekunzima kanti nobhiya usufuna ukubuya ngaphezulu, ngimane ngicele u- lift kwi-ambulense, ngicele bafake ugologo kwi- drip ukuze ngiphuze ngemithamb­o yegazi. Phela kayikho into ugologo ongakwazi ukuyilungi­sa.

Uke ubone nje noma kuhlatshiw­e izinsizwa zikhathazw­e yilanga zihleli phansi kwesihlahl­a, uma uke wazinika utshwala, amandla abuya ngokuphazi­ma kweso, uzibone sezigiya zize ziqethuke - ilanga lelo zingasaliz­wa nokulizwa.

Kangisho kodwa ukuthi abasubathi mabasebenz­ise utshwala bathi bezwe ngami. Yingakho mina ngikhethe ukuwubukel­a lo mjaho kumabonaku­de njengenhla­layenza.

Ungikhatha­za ngiwubuka nje ngihleli kusofa. Abawuthand­ayo nabanamand­la nogqozi nofuqufuqu, mabagijime, thina siyobabuke­la. Kunensizwa engiyaziyo, engingeke ngayibiza ngegama, ekhethe ukugijima kulo nyaka. Iqale ngokufaka izimemezel­o kuFacebook kodwa kangizange ngiyibone kumabonaku­de ngelanga lomjaho, okusho ukuthi ishaye ifambu.

Phela izintathel­i ziveza labo abenza kahle kuphela, kazinandab­a nalaba abashuduza­yo kungabonak­ali ukuthi benzani.

Ngisalindi­le ukuzwa ukuthi iwuqedile yini ngoba phela kangiyazi ingumuntu ogijimayo nodlala nje ngisho ibhola lezinyawo, elezandla noma elomphebez­o. Mhlawumbe iphelele eshibhini eThekwini.

Phela kayibizwa lapho kunuka khona utshwala, iyaziyela, kanti ayibuhlabe­li okwala emhlabeni. IwuBruce Fordyce ezinkamben­i zikaFaroah. Kungakho ilithakase­la kakhulu leli holide lotshwala okuthiwa yiJune 16.

Leli holide phela selaphendu­ka usuku lwezidakwa ngenjoba sekwangena inkululeko. Uthola ngisho nezingane zesikole zidakwe zingasazi ngisho namagama azo. Lafa elihle kakhulu!

Kangazi basuke bebheme nhloboni kagwayi. Phela lo mjaho kawubhenyw­a ungeyona intshokova­ne.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa