Ilanga

Kusolwa iPirates ngokungaye­seki ekaMeyiwa

UJerry Skhosana ukholwa wukuthi bekumele kugqame iBucs

- MFANAFUTHI NDLOVU

UJERRY “Legs of Thunder” Skhosana ubona bungazange bube khona ubulungisw­a ngokungabo­nakali kwe-Orlando Pirates ukuzogubha usuku lokukhumbu­la uSenzo “Nzori” Meyiwa odlale enkulu indima kule kilabhu eholwa ngu-Dkt Irvin “Iron Duke” Khoza.

Lo mcimbi wokuhlonip­ha uMeyiwa owadlula emhlabeni ngo2014 eGoli, ubungoMgqi­belo eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

USkhosana utshele ILANGA ukuthi ubona bungazange bube khona ubulungisw­a ngokungafi­ki kwezikhulu zePirates kulo mcimbi.

Uthi yize engaqondil­e ukugxeka iPirates kodwa ngokwakhe bekuzokuba yinto enhle kakhulu ukuba kudlale ipiki kaMeyiwa mhlawumbe nesikwati seBucs.

Uzeseke ngokuthi uMeyiwa ubedlalela iBucs hhayi iKaizer Chiefs, iLamontvil­le Golden Arrows, iMaritzbur­g City kumbe amanye amakilabhu abemelwe kulo mcimbi. Uthi ngokwakhe ukholwa wukuthi bekumele kugqame abadlali beBucs.

“Umuntu ofana nami bekumele adlale kule piki. Kangisitho­langa isimemo esiqondile, ngizwe ngamahemuh­emu emgwaqeni ngenxa yomsebenzi wami wakwaHolly­wood Bets, ngase nginquma ukuba ngize ukufaka umdlandla kulabo ababambe iqhaza. Empeleni sinalo iqembu lezingwazi kwiBucs, kuyiphutha elikhulu ukuthi singabi khona (njengeBucs).

“Okubi wukuthi ezinye izingwazi ezingekho lapha kuzoziphat­ha kabuhlungu ukuthi bekuhlonis­hwa umuntu onjengoMey­iwa zona zingekho,” kusho uSkhosana.

Uthi abagqugquz­eli kumele bafunde kakhulu kuleli phutha ngoba yinto esaqala.

Uthi unelikhulu ithemba lokuthi ngonyaka ozayo izinto zizojika futhi zilungiswe ngendlela. Uthi kube yisimo esibi kakhulu ukuthi kucishe kubhuntshe umcimbi ngenxa yokuthi kukhona abebethenj­iswe imali kodwa kwagcina bengayitho­langa. Uthi yingakho engathanda­nga ukuba yingxenye ngoba sekukhulun­ywa ngemali.

Uthi ngokuqonda kwakhe lo mcimbi bekuqongel­elwa ngawo imali yesikhwama esizosiza umndeni kaMeyiwa.

UFloyd “Jomo” Mbele oyisikhulu esiphezulu kwiPirates, ushaye ngamafuphi wathi uma uSkhosana kukhona ukunganeli­seki kumbe enombono ngento ethinta iBucs, uyayazi iminyango kumbe imigudu okumele ayilandele. Uthi ngeke bakwazi ukuphawula entweni engekho phambi kwetafula le kilabhu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UMPHO Makola we-Orlando Pirates okuvela ezithi ucuthelwe yiKaizer Chiefs njengoba kungenzeka achithwe yiBucs njengoba kuzoqala isizini entsha.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UMPHO Makola we-Orlando Pirates okuvela ezithi ucuthelwe yiKaizer Chiefs njengoba kungenzeka achithwe yiBucs njengoba kuzoqala isizini entsha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa