ISILILO KUSHONA U-HIP HOP PANSULA

Abalandeli be-hip hop bayabalisa

Ilanga - - Front Page - AYANDA BUTHELEZI ayandab@ilanganews.co.za

'KUYACACA uMdali usebonile ukuthi kawusifanele umculo we- hip hop osezingeni eliphezulu. Uqale wasiphuca uLinda (Pro) manje usesiphuca uHHP.”

La mazwi ashiwo ngusomabhizinisi obuye ethule izinkulumo ezakhayo, uMnu Vusi Thembekwayo, emuva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kwesihlabani somculo weMotswako - okuyi- hip hop yesiTswana ehlanganisa nezinye izilimi zomdabu - uJabulani “Hip Hop Pantsula” Tsambo.

Lishone elayizolo simuncu isimo kubathandi be- hip hop nakozakwabo endimeni yomculo ngemuva kokuzwakala kwezindaba zokudlula kwakhe emhlabeni.

Lezi zindaba ziqinisekiswe yinkosikazi yakhe engusaziwayo owaduma kwiBig Brother Africa, uLerato Sengadi.

Yize imininingwane ephelele yokushona kukaHHP ibingakacaci ngesikhathi sokuloba, kusabalele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ubephila nesimo sengcindezi (depression), kangangoba abaningi abebephawula bebebalula sona njengomthelela wokuhamba kwakhe emhlabeni.

Kuphinde kwasabalala ukuthi ubesanda kugonyuluka ohlelweni lukaGareth Cliff ( Gareth Cliff Show) ngokuzama ukuzibulala izikhawu ezintathu ngo-2015 okwaze kwaholela ekutheni abe yingxenye yama- qembu acebisa ngezindlela zokuzibulala ezinkundleni zokuxhumana.

Kuthiwa uke wazama kabili ukuzibulala ngemoto wagcina esengene kuma- website wathola icebo lokuzibulala ngokuhogela i- helium kodwa le mizamo yaphunza.

Kuthiwa uHHP ushone esanda kususa ikhasi lakhe leTwitter, wathi ukwenza lokhu ngenxa yabantu “abanoshevu”.

Umbhalo wakhe wokugcina kuleli khasi uthe: “Uhhafu wabalandeli bami ngeke ungisize ngalutho, ngiqala impilo kabusha. Abaningi bangazi ngoHHP kodwa nginguJabba futhi ngiyohlale nginguJabba.”

JABULANI "Hip Hop Pantsula" Tsambo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.