WINA AWOKUBUKA EYE-TKO EMABHIDA

Ilanga - - Front Page -

ZIBEKE ethubeni lokubuka mahhala imidlalo yesigaba sama-quarter final yeTelkom Knockout ezogijinyelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. ILANGA libambisene namaZulu FC nabakwaTelkom baphisana ngamathikithi ahamba ngamabili okubuka uSuthu ludlala ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ngo-18h00. Leli phephandaba nabakwaTelkom liphisana nangawokubuka iKaizer Chiefs neSuperSport United ngeSonto ngo-15h00 enkundleni efanayo. Okumele ukwenze ukuzibeka ethubeni wukuthumela umqhafazo enombolweni ethi: 49028. Uma ufuna awokubuka uSuthu neBucs uthumela igama elithi: ZIWAMO1. Uma ufuna awobuka iChiefs neSuperSport uthumela elithi: ZIWAMO2. I-sms ibiza uR1,50 kanti abawinile bazothintwa ngocingo. Umncintiswano uvalwa kusasa ngoLwesihlanu ngo-12 emini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.