Ushwebe intombi wabulala usana lwakhe

Ilanga - - Front Page - NOMFUNDO NGWANE

Ingane ibinamasonto amathathu

UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela owesilisa (39), waseMpumelelo, eThornville, eRichmond, osolwa ngokushaya ngesibhakela abulale ingane yakhe enamasonto amathathu izelwe, ngesikhathi exabana nonina wayo ngoMgqibelo.

Kuthiwa uyise ka-Owenkosi Sithole (ingane), uMnu Mxolisi Gcwabaza, ubephuzile ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Ngokuthola kweLANGA ngomthombo walo osondelene nalezi zithandani - ocele ukuba igama lawo ligodlwe - indaba yonakale ngesikhathi uMnu Gcwabaza eqiwe ngamankwebevu, waxabana nonina wengane kwaze kwagcina ngokuba ambeke isandla.

Baxabana nje, unina wengane uyayincelisa. Ngokusho komthombo, uMnu Gcwabaza uthe uyagadla kunina wengane yakhe, kanti uzoshaya yona esiphogweni ngequpha. Kuthiwa kwadamuka ngaleso sikhathi utshwala kuyise wengane.

“Khona kube yinto embi eyehlele uMxolisi. Sonke sethukile ngesikhathi sizwa lolu daba ngoba besingalindele ukuthi angenza into efana nale enganeni yakhe, kwazise besazi ukuthi bekusayigugu ukuthi uthole ingane,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuboshwa kukayise wengane, wathi uvelile eNkantolo yeMantshi, eMgungundlovu ngoLwesibili ngecala lokubulala abhekene nalo. Kulindelele ukuba aphinde avele enkantolo khona maduze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.